Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-KZN isazihola phambili ngesibalo sabahola izibonelelo zikahulumeni

I-KZN isazihola phambili ngesibalo sabahola izibonelelo zikahulumeni

by | 23 July 2026

ISIFUNDAZWE iKwaZulu-Natal, sisaqhubeka nokuhamba phambili ebantwini baseNingizimu Afrika ngesibalo sabantu abathola imali yezibonelelo zikahulumeni.

Lokhu kuvezwe yiSouth African Social Security Agency (SASSA), ngesikhathi ikhipha umbiko wayo wakamuva. Ngokusho kwabeSASSA, babalelwa ku-4.2 million abantu bakulesi sifundazwe abathola lesi sibonelelo.

ISASSA ithe abathola isibonelelo sezingane bawu-2.8 million, abathola eyokunakekela labo abaphila nokukhubazeka bawu-43 227, abathola eyezaguga bawu-826 712, abathola eyokukhubazeka bawu-226 589, kuthi abathola eyokubhekelela izingane bawu-29 203.

Ngokusho kwabakwaSASSA, isibalo sabahola le mali sesicishe siphindeke kabili kule minyaka eyishumi eyedlule, njengoba ngo-2006 babewu-10 million abathola le mali njengoba sebefinyelele ku-19 million ngo-2026.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...