Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-KZN isazihola phambili ngesibalo sabahola izibonelelo zikahulumeni

I-KZN isazihola phambili ngesibalo sabahola izibonelelo zikahulumeni

by | 23 July 2026

ISIFUNDAZWE iKwaZulu-Natal, sisaqhubeka nokuhamba phambili ebantwini baseNingizimu Afrika ngesibalo sabantu abathola imali yezibonelelo zikahulumeni.

Lokhu kuvezwe yiSouth African Social Security Agency (SASSA), ngesikhathi ikhipha umbiko wayo wakamuva. Ngokusho kwabeSASSA, babalelwa ku-4.2 million abantu bakulesi sifundazwe abathola lesi sibonelelo.

ISASSA ithe abathola isibonelelo sezingane bawu-2.8 million, abathola eyokunakekela labo abaphila nokukhubazeka bawu-43 227, abathola eyezaguga bawu-826 712, abathola eyokukhubazeka bawu-226 589, kuthi abathola eyokubhekelela izingane bawu-29 203.

Ngokusho kwabakwaSASSA, isibalo sabahola le mali sesicishe siphindeke kabili kule minyaka eyishumi eyedlule, njengoba ngo-2006 babewu-10 million abathola le mali njengoba sebefinyelele ku-19 million ngo-2026.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...