Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ugwetshwe wafuna udokotela kwelokubulala uthisha

Ugwetshwe wafuna udokotela kwelokubulala uthisha

by | 8 November 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU

UCELE ukubonana nodokotela ngemuva kwesigwebo sokudilikelwa yijele omunye wababulali bakathisha owakhelwa itulo ngumyeni wakhe.  Ababulali abathathu okubalwa nomyeni kamufi, bagwetshwe odilikajele umuntu ngamunye yiNkantolo yeMantshi yaseNkandla ngoLwesibili.

USabelo Victor Buthelezi – ongumyeni kamufi, uNkz Makhosazana Ngcobo -uSphamandla Ntshingila oyinyanga noCelani Buthelezi – bagwetshwe ngokubula umufi  ngoFebruary) 2020. Umufi wayenguthisha eThalaneni Primary School, eNkandla. ILANGA libike kabanzi ngalolu daba ezinyangeni ezedlule, lapho kwavela khona ukuthi ababulali baqala ngokuzama ukuphuzisa umufi ushevu, bewufake esiphuzweni sakhe kodwa wangafa, babe sebemgenca, bambulala. NgoLwesibili enkantolo bekukhona namalungu omphakathi abehambisana nawenyunyana yothisha, iNatu. 

KWESOKUNXELE nguNkz Makhosazana Ngcobo kanti kwesokudla nguSabelo Buthelezi noCelani Buthelezi.

IMantshi, uMnu S Mngongoma, ithula isigwebo ithe laba basebenzisa isihluku bebulala umufi. Ithe okuxakayo wukuthi kasitholakali isizathu sokubulawa kukamufi. Iqede ukubagweba, uNtshingila waphakamisa, ecela ukutholelwa usizo lwezempilo. 

UMnu Snabo Ngcobo oyindodana kamufi uthe ujabule ngesigwebo. 

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...