Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ugwetshwe wafuna udokotela kwelokubulala uthisha

Ugwetshwe wafuna udokotela kwelokubulala uthisha

by | 8 November 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU

UCELE ukubonana nodokotela ngemuva kwesigwebo sokudilikelwa yijele omunye wababulali bakathisha owakhelwa itulo ngumyeni wakhe.  Ababulali abathathu okubalwa nomyeni kamufi, bagwetshwe odilikajele umuntu ngamunye yiNkantolo yeMantshi yaseNkandla ngoLwesibili.

USabelo Victor Buthelezi – ongumyeni kamufi, uNkz Makhosazana Ngcobo -uSphamandla Ntshingila oyinyanga noCelani Buthelezi – bagwetshwe ngokubula umufi  ngoFebruary) 2020. Umufi wayenguthisha eThalaneni Primary School, eNkandla. ILANGA libike kabanzi ngalolu daba ezinyangeni ezedlule, lapho kwavela khona ukuthi ababulali baqala ngokuzama ukuphuzisa umufi ushevu, bewufake esiphuzweni sakhe kodwa wangafa, babe sebemgenca, bambulala. NgoLwesibili enkantolo bekukhona namalungu omphakathi abehambisana nawenyunyana yothisha, iNatu. 

KWESOKUNXELE nguNkz Makhosazana Ngcobo kanti kwesokudla nguSabelo Buthelezi noCelani Buthelezi.

IMantshi, uMnu S Mngongoma, ithula isigwebo ithe laba basebenzisa isihluku bebulala umufi. Ithe okuxakayo wukuthi kasitholakali isizathu sokubulawa kukamufi. Iqede ukubagweba, uNtshingila waphakamisa, ecela ukutholelwa usizo lwezempilo. 

UMnu Snabo Ngcobo oyindodana kamufi uthe ujabule ngesigwebo. 

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...