
IZITHOMBE: NGUPHUMLANI GAMA
ISOLA inkohlakalo yokabiwa kwamathenda nezikhala zemisebenzi kuMasipala waseJozini, eMkhanyakude, iMK Party emashele emahhovisi alo mkhandlu namuhla ngoLwesine.
Ingxenye yezisebenzi zalo mkhandlu iphume intaza ngemuva kokuba kuthelekele iqulu lamalungu aleli qembu abephethe izingqwembe ezinemibhalo yokukhononda ngezenzo zenkohlakalo kulo mkhandlu.
Leli qembu beliholwa ngabaholi balo eMkhanyakude okubalwa kubona noMnu Bethuel Mthethwa. Phakathi kwezinye zezikhalo zalo kube wudaba lokuqashwa kwezisebenzi ngokwenzelela nangokubheka ukuthi zihlobene nobani abangaphakathi kulo mkhandlu.
Kugagulwe amagama ezisebenzi ezinye zazo eziphethe amahhovisi okuthiwa ziqashwe ngendlela engafanele. Kubuye kwadalulwa igama lenye yezinkampani okubikwa ukuthi igama layo livela kakhulu ekuhlomuleni ngamathenda okwakha imigwaqo nokwakhiwa kwezakhiwo zomphakathi, ezinye zazo okungamahholo.
Efunda uhlu lwezikhalo, uMnu Bongani Khumalo ongomunye wabagqugquzeli beMK Party eMkhanyakude, uthe bathathe isinqumo sokugasela kulo mkhandlu ngoba kunokukhathazeka ngokusetshenziswa budlabha kwemali yomphakathi.

“UMasipala waseJozini uchitha imali eningi ngokwenza amadili emicimbi yomaskandi. Okubi wukuthi le micimbi kayihlomulisi namaciko asendaweni. Kunezimali ezinyamalele kulo mkhandlu okuze kube yimanje akukho okuvelayo ukuthi zanyamalala kanjani.
“Sizonxusa abasebenzi balo mkhandlu, ikakhulukazi ehhovisi lakwaSCM ukuba babuyelwe wunembeza, bangavumeli ukusetshenziswa ngabathile ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo. Sinohlu losonkontileka abazimisele ngokufakaza uma sekuqulwa udaba lokuthi bafunwa izimali zokugwaza ukuze bezothola imisebenzi kulo mkhandlu.
“Kumanje kunenkampani eyodwa nje okuyiyona ehlala inikwa umsebenzi wokupheka ekubeni bebaningi abantu abayidingayo imisebenzi. Sibabekele izinsuku eziwu-14 zokuba baphendule uhlu lwezikhalo zethu. Uma kungenjalo, sizophoqeleka ukuba sithathe ezinye izinyathelo,” kusho uKhumalo.
ILANGA lixhumane neMeya yalo mkhandlu uMnu Mfananaye Mathe oshaye ngamafuphi wathi le mashi ibingekho emthethweni.
“Imashi yabo ibingekho emthethweni, nabo bayakwazi lokho. Ubuholi beqembu labo bubabhalele incwadi echaza ukuthi kayikho emthethweni imashi yabo,” kusho uMathe.
