Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-MK Party isola iGNU ngokuzama ukucindezela uZuma

I-MK Party isola iGNU ngokuzama ukucindezela uZuma

by | 23 March 2025

NGUMNU Jacob Zuma, noMengameli wokuqala wesifazane waseNamibia, uNkk Netumbo Nandi-Ndaitwah.


IQEMBU Umkhonto weSizwe Party lisola uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu, iGNU, ngokusebenzisa izinsiza-kusebenza zombuso ukudicilela phansi nokucisha imisebenzi kaMnu Jacob Zuma, owayengumengameli wakuleli.

Le nhlangano ithi iGNU isebenzisa izinkundla zikahulumeni zokuxhumana ukudukusa umphakathi nokuthunaza iqhaza likaZuma emlandweni wezwe

Kuqubuke umsindo ngesikhathi ikhasi likahulumeni (@GovernmentZA) ku-X (Twitter) lifake izithombe zezicukuthwane zakuleli ebezihambele umcimbi wokugcotshwa kukaMengameli waseNamibia uNkk Netumbo Nandi-Ndaitwah, izolo ngoMgqibelo.

Kuleli khasi kuvezwe uMengameli Cyril Ramaphosa, nababengomengameli phambili abebehambele lo mcimbi, kodwa kwangashiwo lutho ngoZuma, iMK Party ethi naye ubeyingxenye yawo. I-MK Party ithi lokhu kuwudlala ipolitiki futhi kuyimizamo yokunqinda amandla le nhlangano njengoba kuyiwa okhethweni lwangonyaka ozayo.

“Le nto eyenziwa yiGNU iwukuchapha ngenhlamba uZuma nezwe nje lonkana. Ngokukhetha ukungavezi ukuthi uZuma ubeyingxenye yalo mcimbi, iGNU ikhombise ukubukela phansi umgomo wokubika ngokwethembeka nokungachemi, okuyinto ewumgogodla kuhulumeni wentando yeningi,” kusho isitatimende saleli qembu.

Leli qembu lithi ukuhambela kukaZuma lo mcimbi kwemukelwe kahle wulumeni waseNamibia nezakhamizi zakhona.

I-MK Party ithathwa njengoqembu eliphikisayo ePhalamende njengoba kuyilona elikhulu kulawa angeyona ingxenye yeGNU. Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu limangaze abaningi okhethweni lwanyakenye, okwenze i-ANC yangakwazi ukuthola amavoti enele ukuphatha izwe yodwa, kwaphoqeleka ukuthi kwakhiwe uhulumeni wenhlanganisela.

Kuthe ngoNhlangulana (June) wanyakenye, iMK Party yazama ukuvimba ukuhlala kwePhalamende, isola ukuthi ikhwatshaniselwe amavoti.

Uhulumeni ubungakaphawuli ngokuthi yini le eyenze wangabalulwa uZuma njengomunye womengameli bakuleli baphambilini abebehambele umcimbi wokugcotshwa kukaNkk Nandi-Ndaitwah, ongumengameli wokuqala wesifazane emlandweni weNamibia.

Phakathi komengameli bakuleli abebeyingxenye yalo mcimbi kubalwa uMnu Thabo Mbeki, noMnu FW De Klerk owayengumengameli ngesikhathi sobandlululo.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...