Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-MK Party isola iGNU ngokuzama ukucindezela uZuma

I-MK Party isola iGNU ngokuzama ukucindezela uZuma

by | 23 March 2025

NGUMNU Jacob Zuma, noMengameli wokuqala wesifazane waseNamibia, uNkk Netumbo Nandi-Ndaitwah.


IQEMBU Umkhonto weSizwe Party lisola uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu, iGNU, ngokusebenzisa izinsiza-kusebenza zombuso ukudicilela phansi nokucisha imisebenzi kaMnu Jacob Zuma, owayengumengameli wakuleli.

Le nhlangano ithi iGNU isebenzisa izinkundla zikahulumeni zokuxhumana ukudukusa umphakathi nokuthunaza iqhaza likaZuma emlandweni wezwe

Kuqubuke umsindo ngesikhathi ikhasi likahulumeni (@GovernmentZA) ku-X (Twitter) lifake izithombe zezicukuthwane zakuleli ebezihambele umcimbi wokugcotshwa kukaMengameli waseNamibia uNkk Netumbo Nandi-Ndaitwah, izolo ngoMgqibelo.

Kuleli khasi kuvezwe uMengameli Cyril Ramaphosa, nababengomengameli phambili abebehambele lo mcimbi, kodwa kwangashiwo lutho ngoZuma, iMK Party ethi naye ubeyingxenye yawo. I-MK Party ithi lokhu kuwudlala ipolitiki futhi kuyimizamo yokunqinda amandla le nhlangano njengoba kuyiwa okhethweni lwangonyaka ozayo.

“Le nto eyenziwa yiGNU iwukuchapha ngenhlamba uZuma nezwe nje lonkana. Ngokukhetha ukungavezi ukuthi uZuma ubeyingxenye yalo mcimbi, iGNU ikhombise ukubukela phansi umgomo wokubika ngokwethembeka nokungachemi, okuyinto ewumgogodla kuhulumeni wentando yeningi,” kusho isitatimende saleli qembu.

Leli qembu lithi ukuhambela kukaZuma lo mcimbi kwemukelwe kahle wulumeni waseNamibia nezakhamizi zakhona.

I-MK Party ithathwa njengoqembu eliphikisayo ePhalamende njengoba kuyilona elikhulu kulawa angeyona ingxenye yeGNU. Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu limangaze abaningi okhethweni lwanyakenye, okwenze i-ANC yangakwazi ukuthola amavoti enele ukuphatha izwe yodwa, kwaphoqeleka ukuthi kwakhiwe uhulumeni wenhlanganisela.

Kuthe ngoNhlangulana (June) wanyakenye, iMK Party yazama ukuvimba ukuhlala kwePhalamende, isola ukuthi ikhwatshaniselwe amavoti.

Uhulumeni ubungakaphawuli ngokuthi yini le eyenze wangabalulwa uZuma njengomunye womengameli bakuleli baphambilini abebehambele umcimbi wokugcotshwa kukaNkk Nandi-Ndaitwah, ongumengameli wokuqala wesifazane emlandweni weNamibia.

Phakathi komengameli bakuleli abebeyingxenye yalo mcimbi kubalwa uMnu Thabo Mbeki, noMnu FW De Klerk owayengumengameli ngesikhathi sobandlululo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...