Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 IKwaZulu-Natal iphambili ngokwanda kwabangasebenzi

IKwaZulu-Natal iphambili ngokwanda kwabangasebenzi

by | 13 May 2025

SIYAQHUBEKA nokungagwinyisi mathe isimo sezinga lokusweleka komsebenzi eNingizimu Afrika.
Imibiko yocwaningo lwakamuva ikhomba ukuthi kwikota yokuqala ka-2025, lenyukile izinga labantu abangasebenzi ezweni.

Ngokombiko oshicilelwe yiStats SA ngoLwesibili, isibalo sabangasebenzi sinyuke safinyelela ku-32,9% kwikota yokuqala ka-2025. Lesi sibalo sisho ukukhula ngo-1,0% kwezinga labantu abangasebenzi ezweni, njengoba kwikota yesine yonyaka u-2024 lalikade liku-31,9%.


Kulo mbiko owethulwe nguMnu Risenga Maluleke, oyiStatistician-General, kuvela ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi ezweni senyuke ngo-237 000 kwikota yokuqala yalo nyaka, safinyelela ku-8,2 million.
Kuso leso sikhathi, isibalo sabantu abasebenzayo kubikwa ukuthi sehlile ngo-291 000, safinyelela ku-16,8 million, sisuka ku-17,1 million kwitoka yesine yonyaka odlule.


Kulesi sibalo sabantu abangasebenzi kuhlanganiswa nalabo bantu asebedikibele ukufesa, okubikwa ukuthi isibalo sabo senyuke ngo-7000.


Ucwaningo luveza ukuthi kwizifundazwe okubonakale kuzo ukwenyuka kwezinga labantu abangasebenzi, iKwaZulu-Natal yiyona ehamba phambili ngabantu abawu-104 000, kulandele i-Eastern Cape (83 000), North West (57 000), Limpopo (55 000), Mpumalanga (43 000), neNorthern Cape (12 000).
Ezifundazweni iWestern Cape, Gauteng, neFree State kubikwa ukuthi kubonakale ukwenyuka kwezinga labantu abasebenzayo.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...