
SIYAQHUBEKA nokungagwinyisi mathe isimo sezinga lokusweleka komsebenzi eNingizimu Afrika.
Imibiko yocwaningo lwakamuva ikhomba ukuthi kwikota yokuqala ka-2025, lenyukile izinga labantu abangasebenzi ezweni.
Ngokombiko oshicilelwe yiStats SA ngoLwesibili, isibalo sabangasebenzi sinyuke safinyelela ku-32,9% kwikota yokuqala ka-2025. Lesi sibalo sisho ukukhula ngo-1,0% kwezinga labantu abangasebenzi ezweni, njengoba kwikota yesine yonyaka u-2024 lalikade liku-31,9%.
Kulo mbiko owethulwe nguMnu Risenga Maluleke, oyiStatistician-General, kuvela ukuthi isibalo sabantu abangasebenzi ezweni senyuke ngo-237 000 kwikota yokuqala yalo nyaka, safinyelela ku-8,2 million.
Kuso leso sikhathi, isibalo sabantu abasebenzayo kubikwa ukuthi sehlile ngo-291 000, safinyelela ku-16,8 million, sisuka ku-17,1 million kwitoka yesine yonyaka odlule.
Kulesi sibalo sabantu abangasebenzi kuhlanganiswa nalabo bantu asebedikibele ukufesa, okubikwa ukuthi isibalo sabo senyuke ngo-7000.
Ucwaningo luveza ukuthi kwizifundazwe okubonakale kuzo ukwenyuka kwezinga labantu abangasebenzi, iKwaZulu-Natal yiyona ehamba phambili ngabantu abawu-104 000, kulandele i-Eastern Cape (83 000), North West (57 000), Limpopo (55 000), Mpumalanga (43 000), neNorthern Cape (12 000).
Ezifundazweni iWestern Cape, Gauteng, neFree State kubikwa ukuthi kubonakale ukwenyuka kwezinga labantu abasebenzayo.







