Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Idlinza likaShenge seliyisigcinamagugu

Idlinza likaShenge seliyisigcinamagugu

by | 28 August 2025

UMNDENI waKwaPhindangene, weNkosi uMangosuthu Buthelezi, utshelwe ukuthi njengoba indawo lapho kunedlinza likaMntwana uMangosuthu isiphendulwe indawo yamagugu ngokwezinga lesifundazwe, akuseyona nje indawo eyenganyelwe wumndeni.

Le ndawo lapho kulele khona uMntwana waKwaPhindangene, yethulwe ngokusemthethweni ngoLwesithathu, njengendawo yesifundazwe egcine umlando namagugu. Isitifiketi sokwethulwa kwayo ngokusemthethweni sedluliselwe emndenini weNkosi uMangosuthu, nguNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli, emcimbini obukwaPhindangene, eMahlabathini, oNdini.

UMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa, ekhuluma kulo mcimbi, uthe uMntwana waKwaPhindangene ufanelwe wukuhlonishwa ngisho esigabeni sikazwelonke, hhayi lesifundazwe ngenxa yemisebenzi yakhe ayenzele isizwe. UHlabisa uthe uMntwana wa-KwaPhindangene wakhe abantu abaningi, yingakho kufanele ahlonishwe yizwe lonke.

UMnu Mntomuhle Khawula onguNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko, nezemiDlalo KwaZulu-Natal, utshele umndeni ukuthi ukwethulwa kwale ndawo kunomthelela wokuthi akuseyona nje, eyomndeni, kodwa sekuyindawo esemqoka kakhulu, evikelekile, yokugcinwa kwamagugu esigabeni sesifundazwe.

Okhulumela iSilo neNdlunkulu kaZulu, uMntwana uThulani Zulu, ephawula ngalo mcimbi uthe: “Wusuku olukhulu. Kwenzeke into obekufanele yenzeke. Sijabula ngokuphindiwe uma sibona umcimbi onjena. Siyethemba ukuthi le ndawo iyogcina kungeyomlando ngokomlando kazwelonke,” kusho uMntwana uThulani.

Uthe kunezinhlelo zokuthi nasedlinzeni leSilo esikhotheme, uGoodwill Zwelithini, eMahhashini lapho silele khona, kwenziwe umsebenzi ofanayo nowenziwe edlinzeni likaMntwana waKwaPhindangene.

“Ngiyazi ukuthi khona maduze kuzoba khona futhi into enje, ezokwenziwa kuMdlokombane njengeNkosi ebuse iminyaka ewu-49,” kusho uMntwana uThulani.

UMnu Albert Mncwango ongomunye wabaholi abaphezulu be-IFP, uthe lolu wusuku olubavusela umunyu ngoba luthinta esilondeni esingakapholi kahle, sokuthi uMntwana wayeyikho konke futhi wayengumholi, engumsunguli weqembu, enguyise kubona ngaso sonke isikhathi.

Uthe nakuba kuwusuku olubavusela umunyu, kodwa futhi wusuku oluyintokozo kubona ngoba umlando kaMntwana waKwaPhindangene ngeke uphinde ucishe ukuze nesizukulwane esizayo, siyokwazi ukuthi kwake kwabakhona umuntu onjengoMntwana, owaba nemisebenzi emangalisayo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...