Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-MTN iyakuchitha ukuthi i-data ibiza ngokweqile kuleli

I-MTN iyakuchitha ukuthi i-data ibiza ngokweqile kuleli

by | 15 June 2025

NGUMNU Charles Molapisi oyisikhulu esiphezulu seMTN.


INKAMPANI yezokuxhumana iMTN iyakuchitha ukuthi intengo ye-data imba eqolo eNingizimu Afrika. UMnu Charles Molapisi oyisiCEO yeMTN eNingizimu Afrika, uthi empeleni bayehlisile intengo ye-data.

Wenze isibonelo nge-data ewu-1 Gig athi bawehlise ngo-46% – wawubiza u-R149 kodwa manje usuwu-R99. Uchaze nangezindlela abawehlukanisa ngayo ama-data bundles, ukuze abantu bakwazi ukuthenga lawo ahambisana nephakethe labo.

Uthw indlela abakala ngayo intengo ye-data ihambisana nendlela abantu abayithenga ngayo nemali abavame ukuyisebenzisa uma bethenga i-data.

Uthi bayababonelela abantu abantulayo ngokubanika imihlomulo engcono uma bethenga i-data noma i-airtime. UMolapisi uthi banohlelo lokubonelela labo abadonsa kanzima, abalubiza ngeMore for More, okuthi uma umuntu ethenga i-data noma i-airtime yentengo ethile, bese ephiwa enye yamahhala ngaphezulu.    


Uvumile nokho ukuthi basengenza kangcono kunalokhu esebekwenzile njangamanje ukubonelela abathengi.


Sekunesikhathi eside kugxekwa izinkampani zokuxhumana eNingizimu Afrika ngokumba eqolo kwe-data, zinxenxwa ukuba ziyehlise intengo ukuze bonke abantu bakwazi ukuyithenga ngoba isifana nento eyisidingo empilweni yomuntu.


Izikhulu zalezi zinkampani bezibizelwe ePhalamende lapho bezihlangene khona nekomidi eliqondene nezokuxhumana nobuchwepheshe bedijithali. Kulezi zinkampani kubalwa iMTN, iVodacom, iTelkom, iRain, neCell C. 

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...