Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-MTN iyakuchitha ukuthi i-data ibiza ngokweqile kuleli

I-MTN iyakuchitha ukuthi i-data ibiza ngokweqile kuleli

by | 15 June 2025

NGUMNU Charles Molapisi oyisikhulu esiphezulu seMTN.


INKAMPANI yezokuxhumana iMTN iyakuchitha ukuthi intengo ye-data imba eqolo eNingizimu Afrika. UMnu Charles Molapisi oyisiCEO yeMTN eNingizimu Afrika, uthi empeleni bayehlisile intengo ye-data.

Wenze isibonelo nge-data ewu-1 Gig athi bawehlise ngo-46% – wawubiza u-R149 kodwa manje usuwu-R99. Uchaze nangezindlela abawehlukanisa ngayo ama-data bundles, ukuze abantu bakwazi ukuthenga lawo ahambisana nephakethe labo.

Uthw indlela abakala ngayo intengo ye-data ihambisana nendlela abantu abayithenga ngayo nemali abavame ukuyisebenzisa uma bethenga i-data.

Uthi bayababonelela abantu abantulayo ngokubanika imihlomulo engcono uma bethenga i-data noma i-airtime. UMolapisi uthi banohlelo lokubonelela labo abadonsa kanzima, abalubiza ngeMore for More, okuthi uma umuntu ethenga i-data noma i-airtime yentengo ethile, bese ephiwa enye yamahhala ngaphezulu.    


Uvumile nokho ukuthi basengenza kangcono kunalokhu esebekwenzile njangamanje ukubonelela abathengi.


Sekunesikhathi eside kugxekwa izinkampani zokuxhumana eNingizimu Afrika ngokumba eqolo kwe-data, zinxenxwa ukuba ziyehlise intengo ukuze bonke abantu bakwazi ukuyithenga ngoba isifana nento eyisidingo empilweni yomuntu.


Izikhulu zalezi zinkampani bezibizelwe ePhalamende lapho bezihlangene khona nekomidi eliqondene nezokuxhumana nobuchwepheshe bedijithali. Kulezi zinkampani kubalwa iMTN, iVodacom, iTelkom, iRain, neCell C. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...