Ilanga News
Home 9 Featured 9 Unengekile oweMarch and March kubulawa obeyisishoshovu sayo

Unengekile oweMarch and March kubulawa obeyisishoshovu sayo

by | 2 August 2026


UMHOLI weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi isamthusile futhi iyamcasula indaba yokubulawa kukaMnu Douglas “Mfene” Thusini waKwaMashu, oshone ngokudutshulwa beqeda ukuvala izitolo zabaseSomalia eNtuzuma.

UNkk Ngobese-Zuma uthe okwamanje akukuningi azokusho ngoba akakahlangani nomndeni kamufi.
“Ingiphethe kabuhlungu indaba kaMfene ngoba ubelwela umphakathi. Into abeyilwela ngiyayazi nami. Kusanda kushona ingane ephuze iRebooster ebithengwe kuzona lezi zitolo. Manje uma sikhala ngabokufika kuba sengathi sicwasa ngokobuzwe okuyinto engekho. Thina silwisana nobugebengu ababenzayo kuphela,” esho.


UThusini ungomunye wabebehamba phambili ekuqhubeni umkhankaso wokuthi kuxoshwe abokufika abangenamaphepha kuleli. Kuthiwa udutshulwe izolo washona beqeda ukuvala izitolo zabaseSomalia izolo ntambama.
UNkk Ngobese-Zuma, uthe into ebaphatha kabuhlungu, kukhona nabantu abathatha imali kwabokufika bebathembisa ukuthi bazobavikela. Le mali ebizwa ngeProtection Fee, uthe iyona le eyenza abokufika babenenkani yize bazi ukuthi bakuleli ngokungemthetho. Into athe iyamkhathaza ukuthi laba abathatha le mali abazicabangeli kwabona ngoba ngelinye ilanga nabo bazoshona, kusale izingane zabo zixhashazwe abantu bokufika.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...