Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kushone oyedwa kwanyamalala abathathu ngezimvula ezinamandla eKZN

Kushone oyedwa kwanyamalala abathathu ngezimvula ezinamandla eKZN

by | 22 December 2025

KUSHONE umuntu oyedwa kwanyamalala abathathu ngezikhukhula ezihlasele ogwini nesifundazwe iKwaZulu Natal ngeSonto.

Izimvula ezinamandla zidale umonakalo ezindaweni ezahlukene eMargate ngaphansi kukaMasipala iRay Nkoyeni.

UNdunankulu wakulesi sifundazwe uMnu Thami Ntuli uhambele kulo masipala ukuyohlola umonakalo odaleke ngenxa yalesi simo sezulu esilimaze impahla nengqalasizinda.

UNtuli ekhuluma nabezindaba ukuqinisekisile ukudlula komuntu oyedwa ngenxa yalezi zimvula ezinamandla.

Uthe umonakalo walezi zimvula wenzeke ngesikhathi lapho lo masipala ubusanda kuphothula ukulungisa enye ingqalasizinda eyamoshakala ngezikhukhula ezedlula.

Uqhube ngokuthi ithimba elihlola izinhlekelele lizohlola isimo ngenhlosoyokuthola ukuthi mungakanani umonakalo odalekile futhi uzodla malini ukuwulungisa.

Indawo yaseMargate ugabe kakhulu ngokuheha izivakashi ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka.

Ingenye yezindawo isifundazwe egabe ngazo ukuheha izivakashi eziqhamuka ezindaweni ezahlukene nezwe nangaphandle imbala.

Khona manjalo kubikwa ukuthi kutholakala imoto ebihudulwe ngamanzi ngaseManzimtoti okusolwa ukuthi ibihamba abantu abathathu abasathungathwa.

Lolu wudaba oluqhubekayo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...