Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kushone oyedwa kwanyamalala abathathu ngezimvula ezinamandla eKZN

Kushone oyedwa kwanyamalala abathathu ngezimvula ezinamandla eKZN

by | 22 December 2025

KUSHONE umuntu oyedwa kwanyamalala abathathu ngezikhukhula ezihlasele ogwini nesifundazwe iKwaZulu Natal ngeSonto.

Izimvula ezinamandla zidale umonakalo ezindaweni ezahlukene eMargate ngaphansi kukaMasipala iRay Nkoyeni.

UNdunankulu wakulesi sifundazwe uMnu Thami Ntuli uhambele kulo masipala ukuyohlola umonakalo odaleke ngenxa yalesi simo sezulu esilimaze impahla nengqalasizinda.

UNtuli ekhuluma nabezindaba ukuqinisekisile ukudlula komuntu oyedwa ngenxa yalezi zimvula ezinamandla.

Uthe umonakalo walezi zimvula wenzeke ngesikhathi lapho lo masipala ubusanda kuphothula ukulungisa enye ingqalasizinda eyamoshakala ngezikhukhula ezedlula.

Uqhube ngokuthi ithimba elihlola izinhlekelele lizohlola isimo ngenhlosoyokuthola ukuthi mungakanani umonakalo odalekile futhi uzodla malini ukuwulungisa.

Indawo yaseMargate ugabe kakhulu ngokuheha izivakashi ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka.

Ingenye yezindawo isifundazwe egabe ngazo ukuheha izivakashi eziqhamuka ezindaweni ezahlukene nezwe nangaphandle imbala.

Khona manjalo kubikwa ukuthi kutholakala imoto ebihudulwe ngamanzi ngaseManzimtoti okusolwa ukuthi ibihamba abantu abathathu abasathungathwa.

Lolu wudaba oluqhubekayo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...