Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-NFP imangalela usomlomo wesishayamthetho saseKZN ngolukaMbali Shinga

I-NFP imangalela usomlomo wesishayamthetho saseKZN ngolukaMbali Shinga

by | 17 July 2026

I-NATIONAL Freedom Party isithathe isinqumo sokulufaka enkantolo udaba lukasihlalo wayo wakwaZulu-Natal, uNkk Mbali Shinga emuva kokuba usomlomo wesishayamthetho wesifundazwe enqabile ukumsusa esikhundleni, kulandela ukuchithwa kwakhe eqenjini.

Unobhala we-NFP, uMnu Bheki Xaba uthe emhlanganweni ababe nawo izolo beyiqembu bafinyelele esinqumweni sokuthi baluyise enkantolo.

“Udaba sizolufaka eNkantolo eNkulu eMgungundlovu. Kulokhu simangalela usomlomo (uNkz Nontembeko Boyce) onqabile ukususa uShinga esikhundleni yize sesimbhalele njengeqembu ukuthi uchithiwe kulona. Lesi sinqumo sifinyelele kusona ngokuqaphela uhlangothi lomthetho futhi asigudlukile kumthethosisekelo weqembu ohambisana nomthetho wezwe. Uma kungukuthi inkantolo ivuna isenzo sikaSomlomo lokho kuzobe kusho ukuthi wonke amaqembu epolitiki aKwaZulu-Natal awaphephile ngaphansi kwesandla sakhe,” esho.

USomlomo uNkz Boyce utshele iLanga ukuthi ubengeke athathe isinqumo sokugudluza uNkk Shinga kungekho phepha eliqhamuka enkantolo njengoba esahleli nesinqumo sasenkantolo, esathi makabuyiselwe esikhundleni lo mholi. Izinkinga zikaNkk Shinga ziqale emva kokuthi enqabe umyalelo weqembu ukuthi avotele ukungabethembi ubuholi bukaNdunankulu Thamsanqa Ntuli njengoNdunankulu wakwaZulu-Natal.

UXaba uthe uShinga akasazihlanganisi neqembu njengoba sekunesikhathi agcina ukuba nemihlangano nobuholi balo nokwenza babone ukuthi usezikhiphile kulona.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...