Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-NFP imangalela usomlomo wesishayamthetho saseKZN ngolukaMbali Shinga

I-NFP imangalela usomlomo wesishayamthetho saseKZN ngolukaMbali Shinga

by | 17 July 2026

I-NATIONAL Freedom Party isithathe isinqumo sokulufaka enkantolo udaba lukasihlalo wayo wakwaZulu-Natal, uNkk Mbali Shinga emuva kokuba usomlomo wesishayamthetho wesifundazwe enqabile ukumsusa esikhundleni, kulandela ukuchithwa kwakhe eqenjini.

Unobhala we-NFP, uMnu Bheki Xaba uthe emhlanganweni ababe nawo izolo beyiqembu bafinyelele esinqumweni sokuthi baluyise enkantolo.

“Udaba sizolufaka eNkantolo eNkulu eMgungundlovu. Kulokhu simangalela usomlomo (uNkz Nontembeko Boyce) onqabile ukususa uShinga esikhundleni yize sesimbhalele njengeqembu ukuthi uchithiwe kulona. Lesi sinqumo sifinyelele kusona ngokuqaphela uhlangothi lomthetho futhi asigudlukile kumthethosisekelo weqembu ohambisana nomthetho wezwe. Uma kungukuthi inkantolo ivuna isenzo sikaSomlomo lokho kuzobe kusho ukuthi wonke amaqembu epolitiki aKwaZulu-Natal awaphephile ngaphansi kwesandla sakhe,” esho.

USomlomo uNkz Boyce utshele iLanga ukuthi ubengeke athathe isinqumo sokugudluza uNkk Shinga kungekho phepha eliqhamuka enkantolo njengoba esahleli nesinqumo sasenkantolo, esathi makabuyiselwe esikhundleni lo mholi. Izinkinga zikaNkk Shinga ziqale emva kokuthi enqabe umyalelo weqembu ukuthi avotele ukungabethembi ubuholi bukaNdunankulu Thamsanqa Ntuli njengoNdunankulu wakwaZulu-Natal.

UXaba uthe uShinga akasazihlanganisi neqembu njengoba sekunesikhathi agcina ukuba nemihlangano nobuholi balo nokwenza babone ukuthi usezikhiphile kulona.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...