Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ungqongqoshe wethule uhlelo lwezokuvakasha KwaXolo

Ungqongqoshe wethule uhlelo lwezokuvakasha KwaXolo

by | 16 November 2024

ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

NONHAKANIPHO SHINGA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha, KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, wethule ngokusemthethweni uhlelo lwezokuvakasha njengoba sekubhekwe emaholidini. Lolu hlelo ulwethule endaweni yezokuvakasha KwaXolo Caves Adventures, KwaXolo ngaphandle kwaseMargate.
Kulendawo kunemigede ephinde ibe nomlando neheha kakhulu abantu abahambela le ndawo. Kuyona kuphinde kube ne-zipline kulabo abathanda ukuntweza emoyeni. Njengamanje kunohlelo lokwakhiwa kwendawo yokudla nokulindeleke ukuthi nayo ibe yingxenye yekuheha izivakashi ezihambele oGwini nesifundazwe zingagcini nje ngalosolwandle.
Ingaphezulu kuka-R6.1 million imali ezosetshenziswa kanti isiyonke ingaphezulu kuka-R8 million.
Ngesikhathi kuhanjelwe kulendawo uMfu Zondi uthe umbono wokusungulwa kwendawo enjengalena uyafisa ukuthi usabalale nakwezinye izindawo ezisemakhaya zibukele kuyo lena.
“Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi umnotho kawugcini ezindaweni ezisemadolobheni kepha usabalala uze ufike ezindaweni ezisemakhaya,” kusho yena.
Umcimbi lona bewuhanjelwe ubukhosi bakwaXolo, izimeya zomasipala wesiFunda Ugu, uMnu Zero Mqadi noNkz Zodwa Mzindle kamasipala iRay Nkonyeni.

ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...