Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ungqongqoshe wethule uhlelo lwezokuvakasha KwaXolo

Ungqongqoshe wethule uhlelo lwezokuvakasha KwaXolo

by | 16 November 2024

ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

NONHAKANIPHO SHINGA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha, KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, wethule ngokusemthethweni uhlelo lwezokuvakasha njengoba sekubhekwe emaholidini. Lolu hlelo ulwethule endaweni yezokuvakasha KwaXolo Caves Adventures, KwaXolo ngaphandle kwaseMargate.
Kulendawo kunemigede ephinde ibe nomlando neheha kakhulu abantu abahambela le ndawo. Kuyona kuphinde kube ne-zipline kulabo abathanda ukuntweza emoyeni. Njengamanje kunohlelo lokwakhiwa kwendawo yokudla nokulindeleke ukuthi nayo ibe yingxenye yekuheha izivakashi ezihambele oGwini nesifundazwe zingagcini nje ngalosolwandle.
Ingaphezulu kuka-R6.1 million imali ezosetshenziswa kanti isiyonke ingaphezulu kuka-R8 million.
Ngesikhathi kuhanjelwe kulendawo uMfu Zondi uthe umbono wokusungulwa kwendawo enjengalena uyafisa ukuthi usabalale nakwezinye izindawo ezisemakhaya zibukele kuyo lena.
“Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi umnotho kawugcini ezindaweni ezisemadolobheni kepha usabalala uze ufike ezindaweni ezisemakhaya,” kusho yena.
Umcimbi lona bewuhanjelwe ubukhosi bakwaXolo, izimeya zomasipala wesiFunda Ugu, uMnu Zero Mqadi noNkz Zodwa Mzindle kamasipala iRay Nkonyeni.

ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...