Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 I-NFP yamukele amalungu aqhamuka kwi-ANC neMK Party

I-NFP yamukele amalungu aqhamuka kwi-ANC neMK Party

by | 13 January 2025

ZIQALE ngokwamukela amalungu amasha izinhlelo zeNational Freedom Party sokulungiselela ukhetho lwangonyaka ozayo lohulumeni basekhaya.

USihlalo waleli qembu KwaZulu Natal ophinde abe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkz Mbali Shinga uveze ukuthi ukwamukela amalungu awu-300 aqhamuka emaqenjini i-ANC ne-MK Party kubanikeza ugqozi lokuthi abantu basethembele kuleli qembu.

NgoMgqibelo emcimbini obuseWiggins Hall eMayville iNFP yamukele amalungu amasha yiphinde yalalela nezikhalo zomphakathi.

UNkz Shinga uthe okuhle ngalo mcimbi wukuthi baye bewubuholi besifundazwe obubumbene.

“Sikwazile ukuphide sibalalele izidingo zabo futhi okube kuhle wukuthi besihamba nokhansela wethu oyiPhini leMeya kuMasipala weTheku othembisile ukuthi ezinye zezikhalo ezithinta umasipala bazozisukumela. Nalezo ebezithinta umnyango wami ngizibhalile phansi sathembisa ukuzisukumela kanti ebezithinta eminye iminyango nazo ngizithathi ngenhloso yokuzidlulisela kozakwethu kwikhabhinethi,” kusho uNkz Shinga enanela ngoku ngemuva kwalo mhlangano bahambele inkulisa yendawo Iziphozinhle Educare Centre lapho bafike banikela ngezimpahla ezahlukene zokufunda nokufundisa.

Uthe okuseqhulwini kulo nyaka wukuba seduze kwabantu ngoba ipolitiki yamanje idinga sisondele kubone sizwe izikhalo zabo bese siyazisukumela.

“Kulo nyaka sizosondela kakhulu kubantu ukuze sivuselele iqembu abantu bakwazi ukuphinde bathembele kulona,” kusho uNkz Shinga.

Uthe okuseqhulwini wukuthi nabo ubuholi baleli bubumbane ukuze kushaye isikhathi sokhetho bekhuluma ngazwi linye.

“Ngaphandle kokwamukela amalungu amasha sizophinde sihambele ezindaweni ezike zaba yisizinda sethu sivuselele sibuyise amalungu ethu abesefudukile,” kusho yena.

Uphethe ngokuveza ukuthi bazotshela nabaholi babo ezinhlakezi ezisemazingeni aphansi ukuthi bangaqheli kubantu noma ngabe abekho kuhulumeni kodwa akusho ukuthi ngeke bakwazi ukusiza abantu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...