Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-NFP yamukele amalungu aqhamuka kwi-ANC neMK Party

I-NFP yamukele amalungu aqhamuka kwi-ANC neMK Party

by | 13 January 2025

ZIQALE ngokwamukela amalungu amasha izinhlelo zeNational Freedom Party sokulungiselela ukhetho lwangonyaka ozayo lohulumeni basekhaya.

USihlalo waleli qembu KwaZulu Natal ophinde abe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkz Mbali Shinga uveze ukuthi ukwamukela amalungu awu-300 aqhamuka emaqenjini i-ANC ne-MK Party kubanikeza ugqozi lokuthi abantu basethembele kuleli qembu.

NgoMgqibelo emcimbini obuseWiggins Hall eMayville iNFP yamukele amalungu amasha yiphinde yalalela nezikhalo zomphakathi.

UNkz Shinga uthe okuhle ngalo mcimbi wukuthi baye bewubuholi besifundazwe obubumbene.

“Sikwazile ukuphide sibalalele izidingo zabo futhi okube kuhle wukuthi besihamba nokhansela wethu oyiPhini leMeya kuMasipala weTheku othembisile ukuthi ezinye zezikhalo ezithinta umasipala bazozisukumela. Nalezo ebezithinta umnyango wami ngizibhalile phansi sathembisa ukuzisukumela kanti ebezithinta eminye iminyango nazo ngizithathi ngenhloso yokuzidlulisela kozakwethu kwikhabhinethi,” kusho uNkz Shinga enanela ngoku ngemuva kwalo mhlangano bahambele inkulisa yendawo Iziphozinhle Educare Centre lapho bafike banikela ngezimpahla ezahlukene zokufunda nokufundisa.

Uthe okuseqhulwini kulo nyaka wukuba seduze kwabantu ngoba ipolitiki yamanje idinga sisondele kubone sizwe izikhalo zabo bese siyazisukumela.

“Kulo nyaka sizosondela kakhulu kubantu ukuze sivuselele iqembu abantu bakwazi ukuphinde bathembele kulona,” kusho uNkz Shinga.

Uthe okuseqhulwini wukuthi nabo ubuholi baleli bubumbane ukuze kushaye isikhathi sokhetho bekhuluma ngazwi linye.

“Ngaphandle kokwamukela amalungu amasha sizophinde sihambele ezindaweni ezike zaba yisizinda sethu sivuselele sibuyise amalungu ethu abesefudukile,” kusho yena.

Uphethe ngokuveza ukuthi bazotshela nabaholi babo ezinhlakezi ezisemazingeni aphansi ukuthi bangaqheli kubantu noma ngabe abekho kuhulumeni kodwa akusho ukuthi ngeke bakwazi ukusiza abantu.

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...