Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ITheku ‘selikulungele ukwemukela izivakashi ngePhasika’

ITheku ‘selikulungele ukwemukela izivakashi ngePhasika’

by | 31 March 2026

UMASIPALA weTheku uthi usukulungele ukwamukela izivakashi ezilinganiselwa ku-1.2 million, ngamaholide ePhasika. Lokhu kuvezwe yiMeya, uMnu Cyril Xaba (esesithombeni), ngesikhathi ikhuluma esigcawini sabezindaba ngokuba sesimweni esikahle saleli dolobha ukubhekana nezinselelo zale mpelasonto emqoka ekhalendeni lamaKhristu. 

UXaba uthe ukubalwa kweTheku njengenye yezindawo eziyikhulu ezihamba phambili ngezokuvakasha emhlabeni, kwenza liqhubeke nokuheha izigidi zabantu bakuleli nabakwamanye amazwe. 

Uthe ukwamukela izivakashi eziwu-1.2 million, kuzokhulisa umnotho waleli dolobha ngemali elinganiselwa ku-R2.5 billion, kwakhe namathuba emisebenzi ewu-16 000. Uthe okubajabulisayo ngale mpelasonto wukuthi konke okuthinta ukulungela kwabo ukwamukela izivakashi, kumi ngomumo.

“Sikhuluma nje, ukugcwala kwezindawo zokulala sekungaphezulu kuka-60%, okusho ukuthi abantu banentshisekelo yokuvakashela eThekwini,” kusho uXaba. 

Uthe ngasohlangothini lwamabhishi okuyiwona adlala indima enkulu ekuheheni izivakashi, awu-23 asesimeni esifanele, futhi akulungele ukuba abantu bangabhukuda kuwona. UXaba ubalule ukuthi le mpelasonto izophinde ihambisane nemicimbi, nayo edlala indima ekuheheni izivakashi, okubalwa kuyona iDoek On Fleek, iSjava 10 Year Celebration, okaBryan Adams, okaMandisi Dyantyis neminye.

Uthe abantu bangazithokozisa nangokuhambela izindawo zokuvakasha ezikuleli dolobha, okukhona kuzona i-Ushaka Marine World, iMitchell Park Zoo, iBotanic Gardens, nezinye. Okunye akuvezile wukuthi imicimbi ngeke iphele ngale mpelasonto, kodwa banekhalenda lonyaka wonke, elihlanganisa imicimbi okubalwa kuyo oweMetro FM Music Awards, ozoba ngasekupheleni kwale nyanga, owe-Africa Travel Indaba, ozoba ngasekuqaleni kukaNhlaba (May) lapho belindele izihambeli ezibalelwa ku-10 000, kube ngoweDisney On Ice, owe-UB40, iGas Motor Show, iDurban International Marathon, iHollywoodbets Durban July neminye yonyaka wonke. 

Ngasonhlangothini lwezokuphepha, uXaba uthe bahlanganise izinhlaka okubalwa amaphoyisa angaphansi kweSAPS, awoMkhandlu weTheku (Metro), onogada bezinkampani ezizimele, uMnyango wezaseKhaya nezinye. 

Uthe ngale mpelasonto kuzobe kusebenza amaphoyisa abalelwa enkulungwaneni, ukuqinisekisa ukuphepha kwezivakashi nalabo abazobe behambele amahlelo ahlukene ezinkonzo. Uthe bazoba nezivimbamgwaqo ezizokwenzeka emigwaqweni eyahlukene ngaphansi kwalo masipala.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...