
UTAKULWE ngusomabhizinisi wabangcwabi umculi kamaskandi uSenzo “Ntencane” Zondi, ngokubuya komcimbi wakhe kulo nyaka, emuva kokuchayiswa wumasipala wangakubo uMvoti nyakenye.
UNtencane uthe ulala ubuthongo kulo nyaka ngenxa yokuthi uMnu Vezokuhle “Vtouch” Nala, waMathole Funerals, uthe uzomelekelela ngengqalasizinda yomcimbi awenzayo, obizwa ngeNtencane Music Festival. Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi nyakenye ucishe wafa, ebulawa yingcindezi ngenxa yokujikelwa wumasipala owawuthembise ukumsiza, kodwa ekugcineni wabika izaba.
“Bengiqala ngqa ukuba nengcindezi ngize ngiqhaqhazele izinzwane, ngenxa yokudinwa. Ngakho-ke kulo nyaka, angifuni nokufaka isicelo soxhaso kumasipala wangakithi, ngoba angikuthandi ukuphoxeka ngemizuzu yokugcina,” kusho uNtencane.
Uthe kulo nyaka kwamasipala ucele ukwelekelelwa ngenkundla okuzobanjelwa kuyona umcimbi kuphela. Umcimbi ungomhla ka-7 kuNovember, eMerthley Lake Sports Ground, eGreytown.
“Kangifuni ukuwuzonda umasipala ngoba babeshilo ukuthi kabasayixhasi imicimbi. Kulo nyaka kanginangcindezi ngoba ngiyazi ukuthi ukhona uNala, uzongenzela umcimbi wami ubemuhle,” esho.
Kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe abaculi okubalwa kubona uMthandeni SK, uKhuzani, uJaivazimnike, uFeza, uMafikizolo, uGatsheni, uMzukulu, uMzukulu kaShafuza, uFalabo, uLimit, uBahubhe, iQwabe Twins, uMenzi, nabanye abaningi. Amathikithi omcimbi abiza u-R150 eTickets Pro, eShoprtite, e-U-Save, eCheckers nase-V tickets.







