
BAZOWAQALA kabi amaholide kaNcibijane abashayeli bezimoto njengoba kulindeleke ukuba yenyuke intengo kaphethiloli kusukela ngoLwesithathu.
Izinkomba zeCentral Energy Fund, ziveza ukuthi kulindeleke ukuba uMnyango wezikaWoyela neziMbiwa uyenyuse ngo-26 cents (95 Oct) no-20 cents (93 Oct) intengo kaphethiloli.
Abazoshayeka kakhulu ngabahamba ngezimoto zikadizili, njengoba wona kuthiwa ungase wenyuke ngo-77 cents elitheni. Intengo kadizili inomthelela ezindlekweni zokukhiqiza nokuhanjiswa kwezimpahla nama-service, okugcina kukhuphula izindleko zokuphila.
Isizathu esikhulu sokwenyuka kwentengo kaphethiloli wukuthi amazwe akhiqiza uwoyela anqume ukwehlisa umthamo, ngenxa yokuthi umkhiqizo ubusuba mningi kakhulu, lokhu obekuwaphoqa ukwehlisa intengo ukuze uhambe, ngoba kuyabiza ukuwugcina. Ubuncane bomkhiqizo emakethe kwenza intengo yenyuke.
Nokho ongoti bathi isimo besizoba sibi kakhulu, senziwa ngcono wukusimama kwerandi lakuleli uma liqhathaniswa nedola laseMelika.







