Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kulindelwe ezimbi ngentengo kaphethiloli kuleli sonto

Kulindelwe ezimbi ngentengo kaphethiloli kuleli sonto

by | 2 December 2025

BAZOWAQALA kabi amaholide kaNcibijane abashayeli bezimoto njengoba kulindeleke ukuba yenyuke intengo kaphethiloli kusukela ngoLwesithathu.

Izinkomba zeCentral Energy Fund, ziveza ukuthi kulindeleke ukuba uMnyango wezikaWoyela neziMbiwa uyenyuse ngo-26 cents (95 Oct) no-20 cents (93 Oct) intengo kaphethiloli.

Abazoshayeka kakhulu ngabahamba ngezimoto zikadizili, njengoba wona kuthiwa ungase wenyuke ngo-77 cents elitheni. Intengo kadizili inomthelela ezindlekweni zokukhiqiza nokuhanjiswa kwezimpahla nama-service, okugcina kukhuphula izindleko zokuphila.

Isizathu esikhulu sokwenyuka kwentengo kaphethiloli wukuthi amazwe akhiqiza uwoyela anqume ukwehlisa umthamo, ngenxa yokuthi umkhiqizo ubusuba mningi kakhulu, lokhu obekuwaphoqa ukwehlisa intengo ukuze uhambe, ngoba kuyabiza ukuwugcina. Ubuncane bomkhiqizo emakethe kwenza intengo yenyuke.

Nokho ongoti bathi isimo besizoba sibi kakhulu, senziwa ngcono wukusimama kwerandi lakuleli uma liqhathaniswa nedola laseMelika.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...