Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Indida ngodutshulwe wafa ‘ehlasela amaphoyisa’ esiteshini

Indida ngodutshulwe wafa ‘ehlasela amaphoyisa’ esiteshini

by | 19 March 2025

UTHELWE othulini ngamaphoyisa ngaphakathi esiteshini saseHluhluwe, owesilisa obesolwa ngokuhlasela amaphoyisa abexabane nawo.

Kuthiwa ukuthi uMnu Mpendulo Mkhize wakwaMsolo, eHluhluwe, ugasele esiteshini samaphoyisa akule ndawo ehlome ngesibhamu sakhe esisethethweni, wavimbezela amaphoyisa ngaphakathi, ezama ukuwadubula.

Umthombo ongaphakathi emaphoyiseni, uhlebele ILANGA ukuthi umufi uhlasela amaphoyisa nje, ubeke wahilizisana nawo ngesikhathi esebenza ngaphandle, kodwa kwayinto edlulayo, kanti uzowalandela esiteshini esephethe isibhamu.

Umthombo uveze ukuthi umufi uxabane namaphoyisa ngaphandle kwesiteshi, washaya elilodwa. Uthi igcine ixazululiwe leyo nkinga, kodwa waqhubeka nokuwalandela esesiteshini.

“Amaphoyisa abesebenza njengenjwayelo engaphandle, ahlangana nomufi okuthe uma emumisa, kwaqubuka ingxabano. Uvele wavuka ngolaka elwa nawo. Elinye lamaphoyisa ebelingekho emsebenzini lingenelelile, lalamula.

“Umufi uqhubekile nokulwa, kwagcina ngokuthi ashaye elinye lamaphoyisa amabili abehamba ngeveni. Amaphoyisa agcine ngokuthi ahambe, amshiye khona lapho, abuyela esiteshini, kodwa umufi wawalandela, esaqhubeka nokuwalwisa.

“Ufike esiteshini ehamba ngemoto yakhe yohlobo lweToyota Corolla, wavimbezela imoto yamaphoyisa maqede wehla ephethe isibhamu ngesandla. Kuthe uma ehla emotweni, wawalandela amaphoyisa esaqhubeka nokuwalwisa.

“Uze wangena ngaphakathi lapho bekukhona namanye amaphoyisa, esho ukuwaqeda, ethi mawaphumele ngaphandle bezoqedela ingxabano yabo.

“Kuthiwa umufi ube esehlohla isibhamu sakhe wakhomba amaphoyisa, angachitha sikhathi, adubula ebhekise ngakuyena washonela khona esiteshini,” kusho umthombo.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCapt Ntathu Ndlovu, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi imbangela yesigameko isaphenywa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...