
UTHELWE othulini ngamaphoyisa ngaphakathi esiteshini saseHluhluwe, owesilisa obesolwa ngokuhlasela amaphoyisa abexabane nawo.
Kuthiwa ukuthi uMnu Mpendulo Mkhize wakwaMsolo, eHluhluwe, ugasele esiteshini samaphoyisa akule ndawo ehlome ngesibhamu sakhe esisethethweni, wavimbezela amaphoyisa ngaphakathi, ezama ukuwadubula.
Umthombo ongaphakathi emaphoyiseni, uhlebele ILANGA ukuthi umufi uhlasela amaphoyisa nje, ubeke wahilizisana nawo ngesikhathi esebenza ngaphandle, kodwa kwayinto edlulayo, kanti uzowalandela esiteshini esephethe isibhamu.
Umthombo uveze ukuthi umufi uxabane namaphoyisa ngaphandle kwesiteshi, washaya elilodwa. Uthi igcine ixazululiwe leyo nkinga, kodwa waqhubeka nokuwalandela esesiteshini.
“Amaphoyisa abesebenza njengenjwayelo engaphandle, ahlangana nomufi okuthe uma emumisa, kwaqubuka ingxabano. Uvele wavuka ngolaka elwa nawo. Elinye lamaphoyisa ebelingekho emsebenzini lingenelelile, lalamula.
“Umufi uqhubekile nokulwa, kwagcina ngokuthi ashaye elinye lamaphoyisa amabili abehamba ngeveni. Amaphoyisa agcine ngokuthi ahambe, amshiye khona lapho, abuyela esiteshini, kodwa umufi wawalandela, esaqhubeka nokuwalwisa.
“Ufike esiteshini ehamba ngemoto yakhe yohlobo lweToyota Corolla, wavimbezela imoto yamaphoyisa maqede wehla ephethe isibhamu ngesandla. Kuthe uma ehla emotweni, wawalandela amaphoyisa esaqhubeka nokuwalwisa.
“Uze wangena ngaphakathi lapho bekukhona namanye amaphoyisa, esho ukuwaqeda, ethi mawaphumele ngaphandle bezoqedela ingxabano yabo.
“Kuthiwa umufi ube esehlohla isibhamu sakhe wakhomba amaphoyisa, angachitha sikhathi, adubula ebhekise ngakuyena washonela khona esiteshini,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCapt Ntathu Ndlovu, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi imbangela yesigameko isaphenywa.