Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ukhala ngokufela ukusondelana noKhuzani umculi osongela uNgizwe

Ukhala ngokufela ukusondelana noKhuzani umculi osongela uNgizwe

by | 17 November 2024

MTHOBISI SITHOLE

UZEHLISILE phambi komndenini wakwaMchunu umculi kamaskandi, uKhawulani “Njoko” Mkhwane (okwesokudla), oshiye angalazi ethuka uNgizwe Mchunu (okwesokunxele), embiza ngaphansi kweziketi zikanina ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu ebusuku. 

UNjoko uthi wenze lokhu edinwe yinkulumo kaNgizwe ayenze ezinkundleni zokuxhumana, egxeka isikhangiso se-albhamu yakhe ezophuma ngoLwesithathu. Kule nkulumo, uNgizwe uthe kayisekho le nto eculwa nguNjoko. Ukhale ngokwehla kwezinga lokubhalwa kwengoma nezinga eliphansi le-video yesikhangiso eqoshwe yilo mculi.

“Kangikaze ngimbone umuntu ocula umsangano onjena! Umkhaya ungiphoxile no-music video wakhe ofile. Sekunesikhathi eside emculweni beyibambile, kodwa namanje ucula umsangano,” kusho uNgizwe.

 Uthe abanye abaculi balenyusile izinga, wabala  uFalabo, “kodwa uNjoko udlala ngethuba”. 

UNjoko uthe le nhlamba achaphe ngayo uNgizwe, useyihoxisile kulaba abazalwa naye ngoba kayiqondisiwe kunina. “Empeleni unina akahlangene nale nto, ngakho-ke ukumthuka kwami ngimbize ngaphansi kweziketi zakhe, ngiphaphalazile, bengenziwa wukucasuka,” kusho uNjoko.

Uthe uwachazelile amalungu omndeni wakwaMchunu ngokucasuka kwakhe. Utshele ILANGA Lempelasontoukuthi ukuhlaziya kukaNgizwe izingoma zakhe ekubeni zingakaphumi zonke, kubulala ikusasa lakhe kwezomculo. 

Uthe le albhamu ibophele izingoma eziwu-14, kodwa uNgizwe useyayigxeka ekubeni kusakhishwe amazwibela ezingoma ezimbili kuphela. “Ngo-2020, ngikhiphe i-albhamuethi ‘Isiziba’, uNgizwe wayigxeka ingakaphumi. Kuthe uma isiphuma, yalimala ngenxa yokuthi abantu bayakholelwa kuyena ngoba ubesebenza ngawo umaskandi emsakazweni. Sengikhathele yizenzo zakhe ngoba ungiphuca isinkwa sezingane zami nomndeni wami. Nyakenye ngikhiphe i-albhamu ebishisa izikhotha, bayincoma abantu abaningi, kodwa akazange aphawule ngayo ngoba akangifuni. Abangani bakhe okungabaculi baseMkhanyakude, bahlale benza kahle kuyena, kodwa thina baseNkandla uhlale esigxeka,” esho.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi uqubuka kokungezwani phakathi kukaNgizwe noKhuzani Mpungose, kumthele ngamachaphazelo.  Uthe lokhu kwenziwa wukuthi yena (uNjoko) noKhuzani basondelene. “Siyohlangana esikhaleni kwaNtombela noNgizwe ngelinye ilanga, ngiyomkhombisa ukuthi ngingubani,” kusho uNjoko.

Ebuzwa uNgizwe ngalokhu, uthe ubekhuluma iqiniso uma egxeka i-albhamu kaNjoko.

mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...