Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inkantolo ivune iDA ne-EFF kolweVAT

Inkantolo ivune iDA ne-EFF kolweVAT

by | 28 April 2025


INKANTOLO ePhakeme yaseWestern Cape isisichithile isimemezelo sikaNgqongqoshe wezeMali uMnu Enoch Godongwana sokwenyusa intela yokuthenga (iVAT) ngo-0.5%.

Ukwenyuswa kweVAT kumiswe kuze kuphasiswe umthetho olawulwa ukwenyuswa kwayo namandla kangqongqoshe ekwenzeni lokhu.

Kwenzeka lokhu nje, uGodongwana ngeledlule umemezele ukuthi usekuhoxisile ukwenyuswa kweVAT nakuba bekusalindwe isinqumo senkantolo lapho iDA ne-EFF bebephonsela inselelo uGodongwana.

Lawa maqembe ebethi ukuphasiswa ePhalamende kwemigomo yokusebenza kwemali yomphakathi (fiscal framework) kwenziwe ngendlela engekho emthethweni.

Inkantolo inqume nokuthi ungqongqoshe, usomlomo wePhalamende nosomlomo woMkhandlu weziFundazwe ePhalamende bakhokhe izindlela zeDA neze-EFF zokulalelwa kwalolu daba eNkantolo.

Ngeledlule iDA yathi isinqumo sikaGodongwana sokuhoxisa iVAT yingenxa yokuthi wayebona ukuthi icala lizomlahla enkantolo.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...