Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe owokufika ngesigameko esidlule nemiphefumulo yabawu-6 eSoshanguve

Kuboshwe owokufika ngesigameko esidlule nemiphefumulo yabawu-6 eSoshanguve

by | 25 March 2025

KUBOSHWE umuntu wokufika, okuleli ngokungemthetho, oyanyaniswa nesigameko sokudubula esenzeke emijondolo ebizwa ngeMarry Me, eSoshanguve, lapho kushone khona abantu abayisithupha.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu ngesikhathi ehambele kule ndawo namuhla ngoLwesibili. Kubikwa ukuthi ngoMgqibelo ebusuku amalungu esigungu sokuqapa umphakathi bebesemsebenzini wabo ngesikhathi behlangana nabesili abahlanu, kwaba khona ukuhilizisaba ngaphambi kokuba kudutshulwane.

Kuqale kwaqinisekiswa ukuthi kufe abantu abane, kwathi abawu-8 baphuthunyiswa esibhedlela.

“Okwamanje singakuqinisekisa ukuthi sekuboshwe umuntu oyedwa mayelana nalesi sigameko. Amaphoyisa athole isibhamu esisodwa kumsolwa esisayohlolwa ukuthi sisebenzile yini kulesi sigameko, noma ezinye. Oboshiwe ngumuntu wangaphandle, okuleli ngokungemthetho,” kusho uMchunu.

Ungqongqoshe ube esedlulisa amazwi enduduzo emindenini yezisulu.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...