Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe owokufika ngesigameko esidlule nemiphefumulo yabawu-6 eSoshanguve

Kuboshwe owokufika ngesigameko esidlule nemiphefumulo yabawu-6 eSoshanguve

by | 25 March 2025

KUBOSHWE umuntu wokufika, okuleli ngokungemthetho, oyanyaniswa nesigameko sokudubula esenzeke emijondolo ebizwa ngeMarry Me, eSoshanguve, lapho kushone khona abantu abayisithupha.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu ngesikhathi ehambele kule ndawo namuhla ngoLwesibili. Kubikwa ukuthi ngoMgqibelo ebusuku amalungu esigungu sokuqapa umphakathi bebesemsebenzini wabo ngesikhathi behlangana nabesili abahlanu, kwaba khona ukuhilizisaba ngaphambi kokuba kudutshulwane.

Kuqale kwaqinisekiswa ukuthi kufe abantu abane, kwathi abawu-8 baphuthunyiswa esibhedlela.

“Okwamanje singakuqinisekisa ukuthi sekuboshwe umuntu oyedwa mayelana nalesi sigameko. Amaphoyisa athole isibhamu esisodwa kumsolwa esisayohlolwa ukuthi sisebenzile yini kulesi sigameko, noma ezinye. Oboshiwe ngumuntu wangaphandle, okuleli ngokungemthetho,” kusho uMchunu.

Ungqongqoshe ube esedlulisa amazwi enduduzo emindenini yezisulu.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...