Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Ibhanoyi laseBotswana nezinhlelo zokukhulisa ezokuvakasha namabhizinisi eKZN

Ibhanoyi laseBotswana nezinhlelo zokukhulisa ezokuvakasha namabhizinisi eKZN

by | 26 March 2025

UKWANDA kwezingane zesikole ezifunda ezikoleni zomtakabani KwaZulu Natal nabafundi bezikhungo eziphakeme zakulesi sifundazwe ezidabuka eBotswana kungenye yezinto ezigqugquzele ukuthi kwethulwe ngokusemthethweni kwendiza elisuka kulona leli lizwe lilibangise eKing Shaka International Airpot eThekwini.

Lokhu kuvezwe uNkz Lulu Rasebotsa oyisikhulu esiphezulu sebhanoyi i-Air Botswana ethule ngokusemthethweni okokuqala indiza yayo ezosuka enhloko dolobha laleli lizwe iGaborone ilibangise eThekwini ngoZibandlela wonyaka owedlule.

UNkz Rasebotsa uthe ukaqhamuka nomqondo waleli bhanoyi akubanga yinto enzima ngenxa yokuthi kuningi okuhlanganisa abantu baseBotswana neKwaZulu Natal.

“Iningi labantu abangomcaphuna kusale eBotswana izingane zabo zifunda ezikoleni eziphezulu zaKwaZulu Natal okubalwa kuzo oMichael House, Hilton College noClifton nezinye ngakho kwenze umqondo ukuthi senze ukuhambisa nokuvakashela izingane zabo kube lula,” kusho yena.

Uthe okunye okugqugquzele le ndiza kube wukuhlanganisa amaxhama okusebenzisana ikakhulukazi emkhakheni wezokuvakasha njengoba iBotswana igabe kakhulu kuwona lo mkhakha.

Ezokuvakasha eBotswana zidlala indima emqoka njengoba zilele isibili ekukhuphuleni waleli lizwe ngemuva kwezimayini okuyizona ezihamba phambili.

UNkz Rasebotsa uthe ukuqinisa ubudlelwano bezokuvakasha phakathi kweKwaZulu Natal neBotswana yikhona futhi okuzokwenza le ndiza ihlale imatasa.

“Njengoba iBotswana iyizwe elizungezwe ngamazwe asinalo ulwandle ngakho uma abantu bethu bezimisele ngokuvakashela indawo abazokwazi ukuthola ulwandle nokunye ngendlela elula kuzokwenza ubudlelwano buqine kanjalo nabantu baKwaZulu Natal uma befuna ukuzobona okuhlukile ngeBotswana bazokwazi,” kusho yena eveza ukuthi kuningi okungajwayelekile abaheha ngakho izivakashi eBotswana.

Ubale izindlovu njengezilwane ezichithekile ikakhulukazi endaweni yaseKasane nokuyidolobha eseliphenduke elokuheha izivakashi.

Leli dolobha ligabe ngeziqiwi ezivulelekile ezinezilwane ezinkulu ezine emhlabeni futhi linedamu elihlukanisa amazwe iBotswana, Namibia, Zambia neZimbabwe.

Udalule ukuthi lokhu yinto abantu abangeke bayithole kunoma yiliphi ilizwe njengoba itholakala eBotswana kuphela.

UNkz Rasebotsa uthe ziningi izinhlelo abanazo ukuqinisekisa ukuthi ukusebenza kwale ndiza kula madolobha kuba yimpumelelo njengoba ngaphandle kokuthutha umphakathi sebeziqalile nezingxoxo zokuthi iphinde ithuthe nezimpahla ezahlukene ezithinta nezihambisana namabhizinisi.

Ukusebenza kwale ndiza kula madolobha kube yimpumelelo ngokuhlanganyela kwezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo iToursim And Film Authority neDurban Tourism.

Le ndiza izohamba kathathu ngesonto ukuya nokubuya phakathi kwala madolobha iGaborone neTheku

ITheku akulona idolobha lokuqala le ndiza ehambela kulona eNingizimu Afrika njengoba sekuneminyaka ihambela e-OR Tambo kanti isanda kukhuza ibuya eCape Town njengoba ike yanyamalala ngenxa yeCovid.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...