Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Ibhanoyi laseBotswana nezinhlelo zokukhulisa ezokuvakasha namabhizinisi eKZN

Ibhanoyi laseBotswana nezinhlelo zokukhulisa ezokuvakasha namabhizinisi eKZN

by | 26 March 2025

UKWANDA kwezingane zesikole ezifunda ezikoleni zomtakabani KwaZulu Natal nabafundi bezikhungo eziphakeme zakulesi sifundazwe ezidabuka eBotswana kungenye yezinto ezigqugquzele ukuthi kwethulwe ngokusemthethweni kwendiza elisuka kulona leli lizwe lilibangise eKing Shaka International Airpot eThekwini.

Lokhu kuvezwe uNkz Lulu Rasebotsa oyisikhulu esiphezulu sebhanoyi i-Air Botswana ethule ngokusemthethweni okokuqala indiza yayo ezosuka enhloko dolobha laleli lizwe iGaborone ilibangise eThekwini ngoZibandlela wonyaka owedlule.

UNkz Rasebotsa uthe ukaqhamuka nomqondo waleli bhanoyi akubanga yinto enzima ngenxa yokuthi kuningi okuhlanganisa abantu baseBotswana neKwaZulu Natal.

“Iningi labantu abangomcaphuna kusale eBotswana izingane zabo zifunda ezikoleni eziphezulu zaKwaZulu Natal okubalwa kuzo oMichael House, Hilton College noClifton nezinye ngakho kwenze umqondo ukuthi senze ukuhambisa nokuvakashela izingane zabo kube lula,” kusho yena.

Uthe okunye okugqugquzele le ndiza kube wukuhlanganisa amaxhama okusebenzisana ikakhulukazi emkhakheni wezokuvakasha njengoba iBotswana igabe kakhulu kuwona lo mkhakha.

Ezokuvakasha eBotswana zidlala indima emqoka njengoba zilele isibili ekukhuphuleni waleli lizwe ngemuva kwezimayini okuyizona ezihamba phambili.

UNkz Rasebotsa uthe ukuqinisa ubudlelwano bezokuvakasha phakathi kweKwaZulu Natal neBotswana yikhona futhi okuzokwenza le ndiza ihlale imatasa.

“Njengoba iBotswana iyizwe elizungezwe ngamazwe asinalo ulwandle ngakho uma abantu bethu bezimisele ngokuvakashela indawo abazokwazi ukuthola ulwandle nokunye ngendlela elula kuzokwenza ubudlelwano buqine kanjalo nabantu baKwaZulu Natal uma befuna ukuzobona okuhlukile ngeBotswana bazokwazi,” kusho yena eveza ukuthi kuningi okungajwayelekile abaheha ngakho izivakashi eBotswana.

Ubale izindlovu njengezilwane ezichithekile ikakhulukazi endaweni yaseKasane nokuyidolobha eseliphenduke elokuheha izivakashi.

Leli dolobha ligabe ngeziqiwi ezivulelekile ezinezilwane ezinkulu ezine emhlabeni futhi linedamu elihlukanisa amazwe iBotswana, Namibia, Zambia neZimbabwe.

Udalule ukuthi lokhu yinto abantu abangeke bayithole kunoma yiliphi ilizwe njengoba itholakala eBotswana kuphela.

UNkz Rasebotsa uthe ziningi izinhlelo abanazo ukuqinisekisa ukuthi ukusebenza kwale ndiza kula madolobha kuba yimpumelelo njengoba ngaphandle kokuthutha umphakathi sebeziqalile nezingxoxo zokuthi iphinde ithuthe nezimpahla ezahlukene ezithinta nezihambisana namabhizinisi.

Ukusebenza kwale ndiza kula madolobha kube yimpumelelo ngokuhlanganyela kwezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo iToursim And Film Authority neDurban Tourism.

Le ndiza izohamba kathathu ngesonto ukuya nokubuya phakathi kwala madolobha iGaborone neTheku

ITheku akulona idolobha lokuqala le ndiza ehambela kulona eNingizimu Afrika njengoba sekuneminyaka ihambela e-OR Tambo kanti isanda kukhuza ibuya eCape Town njengoba ike yanyamalala ngenxa yeCovid.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...