Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kusuke esinamathambo abesithembu bebangisana ngokungcwaba usokhaya

Kusuke esinamathambo abesithembu bebangisana ngokungcwaba usokhaya

by | 7 June 2026

KUSUKE esinamathambo eTatane, eMangweni, eMtshezi, ngeSonto, amalungu omphakathi egoduka engangcwabanga, abafelokazi ababili bakwaNyembe, bebanga isidumbu somyeni wabo.

Ngokusho komthombo weLANGA, umbango uqubuke ngesikhathi amakhosikazi kaMnu Mthatheni Nyembe (osesithombeni), ebanga ukumngcwaba. Kuthiwa uthuthuva lususwe wukungavumelani kwamakhosikazi ngendawo obekumele afihlwe kuyona umufi. Kuthiwa inkosikazi endala ibifuna afihlwe egcekeni lomuzi wayo, kanti inkosikazi encane nezingane zayo bebengahambisani nalokho.

Umbango ugcine uholele ekutheni kusuke ingxabano ngosuku lomngcwabo, kwathukwana kwaze kwabizwa namaphoyisa ukuyolamula. Kuthiwa umufi ugcine efihlwe isinyenyela ebusuku yinkosikazi endala nezingane zayo. Kuthiwa lokho kwenze isimo saba muncu kakhulu. Umthombo weLANGA ulihlebele ukuthi lolu daba luze lwayobikwa enduneni, kuzanywa isixazululo, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Umthombo uveze ukuthi umndeni ubuvele ungezwani kusaphila nomufi.

“Kuke kwaba nengxabano kulo mndeni, kwaze kwayiswana ezinkantolo. Inkosikazi endala yagcina ngokuthi iphume emzini wayo, yayohlala kwenye indawo, yangawudayisa umuzi osendaweni. Ibuye ngoba sekushone umyeni wabo, kuzolungiselelwa ukungcwaba. Inkinga iqale ngesikhathi enye yamadodakazi enkosikazi endala iyokhipha uyise emakhazeni abefakwe kuwona, yayomfaka kwawabo.

“Kusuke ingxabano abakankosikazi omncane bebuza ukuthi ku- ngani bengaziswanga ngokukhishwa kwesidumbu emakhazeni. Kube sekuvunyelwana ngokuthi isidumbu sikamufi sizofikela emzini wenkosikazi encane, bese sidlulela emzini wenkosikazi endala,” usho.

Uthi kuvunyelwane ngokuthi umufi uzofihlwa ekhaya elikhulu, eduze kwethuna likanina, kodwa inkosikazi endala yakuchitha lokho. Kuthiwa ngeSonto kumbiwe umgodi wokungcwaba eduze kwamathuna akubo kamufi egcekeni ekhaya elikhulu, inkosikazi endala yakumisa lokho, yathi makuyombiwa emzini wayo.

Kuthiwa lokhu kuthukuthelise izingane zenkosikazi encane. Zibhoke ngolaka, zakubeka kwacaca ukuthi uyise ngeke angcwatshwe emzini wenkosikazi endala. Umthombo uthi kugcine sekujikijelwana ngamazwi, kwaze kwabizwa amaphoyisa.

Kuthiwa inkosikazi endala nezingane zayo bagcine bemngcwabile umufi ebusuku bebodwa, inkosikazi encane nezingane zayo bengekho. UMnu Zwelibanzi Ndumo, oyinduna kule ndawo, uvumile ukuthi ufikile umbiko kuyena, kodwa wangathanda ukwenaba ngalolu daba, wacela ukuba kuxhunyanwe nomndeni wakwaNyembe. UNkz Sindi Nyembe, oyindodakazi endala yenkosikazi encane, uthe udaba bazoludlulisela enkantolo ngoba bafuna simbiwe isidumbu sikayise ukuze kuzobhekwa imbangela yokushona kwakhe, bese efihlwa ekhaya elikhulu.

“Into eyenza ukuthi singavumi afihlwe kamamkhulu, wukuthi ubaba ushone kunesivimbela senkantolo, esithi singangeni khona. Okwenza sifune ukuhlola isidumbu wukuthi ubaba wangena esibhedlela ephethwe yisifo senhliziyo, kodwa wafihlwa enengozi esingazi ukuthi iqhamuke kuphi,” esho.

UNkk Nokulunga Dlamini, uMaNyembe, ozalwa yinkosikazi endala, uvumile ukuthi uyise bamfihle ebusuku ngoba bebengeke bakwazi ukumphindisela emakhazeni. Uthe yize bekunencwadi yesivimbelo senkantolo, kodwa babavumelile abakamamncane ukuthi bengeza ukuyofihla uyise, kwaba yibona abafuna ukuba angcwatshwe ngemuva kwendlu ekhaya elikhulu. Uthe bewumndeni bavumelene ngokuthi uyise afihlwe ngeSonto.

“Ngesikhathi benqaba ukuthi sifihle, sibatshelile ukuthi mabamthathe ubaba bamngcwabe bona, behlulekile wukukwenza lokho. Ngakho besingeke simphindi- sele emakhazeni ngoba bekuzoba ngezinye izindleko lezo,” esho.

USolwazi uVelaphi “VVO” Mkhize, oyisazi samasiko, uthe umuntu onelungelo lokufihla kujwayele ukuthi kube yinkosikazi yokuqala, ngaphandle uma inhloko yekhaya ishilo ukuthi ifuna ukufihlwa kuphi. Uthi yize bonke benalo ilungelo lokumfihla, undlunkulu ngokujwayelekile nguyena onelungelo.

Ezisematheni

OwaseKZN nowaseGauteng kowokwakha ubumbano emahostela

OwaseKZN nowaseGauteng kowokwakha ubumbano emahostela

UNDUNANKULU wakwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli noMnyango wezokubusa neziNdaba zoMdabu , bazobe behambe namakhosi ezizwe beyohlangana nezinsizwa emahostela esifundazweni eGauteng. Umcimbi usehostela eBuyafuthi eGoli kusasa ngoMgqibelo. Ngokwesitatimende esikhishwe...

Inkantolo ivune uRamaphosa kolwePhala Phala

Inkantolo ivune uRamaphosa kolwePhala Phala

INKANTOLO eNkulu yaseWestern Cape ngoLwesihlanu, ivune uMengameli Cyril Ramaphosa esicelweni sakhe esiphuthumayo abesifake kuyona ukuthi ikomiti lasePhalamende lingaqhubeki nezinhlelo zokumthathela izinyathelo ngodaba lwePhala Phala. Yize kuphume lesi sinqumo kodwa...