Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Ukuhoxa kwamasosha eDRC akusho ukwehlulwa’

‘Ukuhoxa kwamasosha eDRC akusho ukwehlulwa’

by | 18 March 2025

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi ukuhoxiswa kwamasosha eSADC eDemocratic Republic of Congo (DRC) akusho ukwehlulwa kwawo ngamavukelambuso akuleliya lizwe, iM23.

Uthi lokhu kuyigxathu elibanzi ohlelweni lokubuyisa ukuthula nozinzo kuleliya lizwe. Abaholi beSADC ngeledlule bavumelane ngokuthi abasosha abejutshwe eDRC ukuyosiza uhulumeni wakhona ukuzwa namavukelambuso.

Kumasosha abejutshwe eDRC kubalwa awaneNingizimu Afrika, awaseMalawi, nawaseTanzania. Kuthiwa lawa masosha azohoxiswa ngokwezigaba.

Uramaphosa uthi izingxoxo zokudala uxolo zizoqhubeka kuleli sonto.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...