INTATHELI YELANGA
LIHLEHLISELWE unyaka ozayo icala elibhekene nowayenguSomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa Nqakula.
UMapisa Nqakula ubhekene necala lenkohlakalo elithinta ukwamukela “umgwazo” kwinkampani eyabe isanda kuthola ithenda eMnyangweni wezokuVikela ngesikhathi esanguNgqongqoshe walo mnyango.
Ubevele ngoLwesine eNkantolo ePhakeme yasePretoria, icala lakhe labe selihlehliselwa umhla ka-20 January 2025.
Kubikwa ukuthi uMshushisi kuleli cala uMnu Bheki Manyathi nguyena ocele ukuhlehliswa kwaleli cala.
UManyathi utshele inkantolo ukuthi akakakulungeli ukuqhubeka naleli cala ngenxa yokuthi usacubungula amaphepha awathole ngoMsombuluko njengoba ewumqulu wamakhasi awu-133.
UMapisa Nqakula uzoqhubeka nokuba ngaphandle ngebhayili kaR50 000 kuze kube uphindela enkantolo ngomhla ka-20kuJanuary. Ubhekene namacala awu-12 enkohlakalo nelilodwa lokushushumbisa imali.