Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Lihlehliselwe unyaka ozayo elikaMapisa Nqakula

Lihlehliselwe unyaka ozayo elikaMapisa Nqakula

by | 5 December 2024

ISITHOMBE: THE CITIZEN

INTATHELI YELANGA

LIHLEHLISELWE unyaka ozayo icala elibhekene nowayenguSomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa Nqakula.

UMapisa Nqakula ubhekene necala lenkohlakalo elithinta ukwamukela “umgwazo” kwinkampani eyabe isanda kuthola ithenda eMnyangweni wezokuVikela ngesikhathi esanguNgqongqoshe walo mnyango.

Ubevele ngoLwesine eNkantolo ePhakeme yasePretoria, icala lakhe labe selihlehliselwa umhla ka-20 January 2025.

Kubikwa ukuthi uMshushisi kuleli cala uMnu Bheki Manyathi nguyena ocele ukuhlehliswa kwaleli cala.

UManyathi utshele inkantolo ukuthi akakakulungeli ukuqhubeka naleli cala ngenxa yokuthi usacubungula amaphepha awathole ngoMsombuluko njengoba ewumqulu wamakhasi awu-133.

UMapisa Nqakula uzoqhubeka nokuba ngaphandle ngebhayili kaR50 000 kuze kube uphindela enkantolo ngomhla ka-20kuJanuary. Ubhekene namacala awu-12 enkohlakalo nelilodwa lokushushumbisa imali.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...