Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kusolwa uthishanhloko ‘ngokufukamela’ isiqhwaga somfundi

Kusolwa uthishanhloko ‘ngokufukamela’ isiqhwaga somfundi

by | 31 August 2025

LESI ngesinye sezigameko sokuhlaselwa komunye wabafundi eDr Joseph Shabalala Secondary School, eMnambithi.

UBAHLALISE lubhojozi abafundi esikoleni, umfundi okuthiwa uyisiqhwaga, uhlukumeza abanye emagcekeni esikole. Balinganiselwa ku-9 abafundi okuthiwa sebebike amacala nge-ngcindezi ababhekene nayo eDr Joseph Shabalala Secondary School, eMnambithi.

Lo mfundi owenza uGrade-10, kuvela ukuthi udaba lwakhe luyafukanyelwa esikoleni njengoba abazali bethi sebelubike kaningi, kodwa kalusukunyelwa. Omunye wabazali, uNkz Minenhle Zulu onengane ehlukumezekile kulesi sikole, uthe okubahlukumeza kakhulu wukuthi uthisha-nhloko ubatshela kwezikabhoqo, ukuthi akalithethi icala lokulwa kwabafundi. Lo mzali uthi ukuhlukumezeka kwezingane, kubeka impilo yazo engcupheni.

“Esikoleni kasibikelwa lutho ngenkinga eyenzeka khona. Uma sesiya kuthishanhloko ngoba izingane ziyaxoxa emakhaya, asibalekele, athi akalithethi yena icala elifana naleli, ubiza amaphoyisa. Kunezingane ezilimalayo esikoleni, sizwe sesitshelwa ukuthi ingane iphuthunyiswe emtholampilo, kodwa isikole singamazisanga umzali. Eyakithi nje ilimalile, sangatshelwa lutho,” kusho uNkz Zulu.

Omunye wabazali uthe ingane yakhe ibihlale icela imali nsuku zonke uma iya esikoleni, okuthe uma eyiphenya, wathola ukuthi le mali iyiphucwa yilo mfundi oyisiqhwaga.

“Ingane iyahlukumezeka, kunobufakazi obuphathekayo. Ziningi izingane eziphucwa imali yazo yilo mntwana, ezishaya zingaphindiseli. Konke lokho akulungiswa esikoleni,” kusho umzali.

Uthi sebezwile nokuthi uma kuyisikhathi sekhefu esikoleni, kunendawo (floor) okungahanjwa kuyona ngoba kusuke kuhleli lo mfundi. Uveze ukuthi sebezamile ukuxoxisana nesigungu sabazali.

“Isigungu sabazali sibikeliwe naso, kusazanywa ukuhlelwa imihlangano ukuze babizwe nabazali bengane ehlukumezayo,” esho. Leli phephandaba lithunyelelwe enye yama-video yalo mfundi osolwayo, eshaya omunye wabafundi.
Kuthiwa ngesonto eledlule zonke izingane ezihlukumezekile, zakhe umbimbi, zahlasela lo mfundi osolwa ngokuhlumeza, za-mshaya.

Ilungu lesigungu sesikole uMnu Lindokuhle Kubheka, lithi sebelwendlalile udaba kuthishanhloko.

“Abazali sebekhalile, samtshela uthishanhloko ukuthi mayisiku-nyelwe le nkinga ngoba izokhipha isidumbu esikoleni. Akusibona abazali kuphela abakhalayo, bakhona nothisha abasitshelile ukuthi nabo kabasaphephile. Kusahlelwa umhlangano wabazali ukuze kuxoxwe, kuphunywe nesixazululo,” esho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe udlame lokuhlukumezana kwabafundi esikoleni, kabahambisani nalo ngoba lunemiphumela emibi.

“Siyacela ukuthi isigungu sesi-kole nothishanhloko, balusukume-le lolu daba. Akekho umntwana okufanele ahlukumeze abanye, engashushiswa. Umzali womntwana ohlupha abanye kumele asondele esikoleni, ilungiswe indaba yengane yakhe.
Umnyango wezemfundo uzojuba ithimba lawo elizoyophenya ukuze umbiko udluliselwe kwinhloko yomnyango nongqo-ngqoshe,” kusho uMnu Mahlambi.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...