Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uhujwa ngomthetho owabulala ingwe, wayihambisa eSilweni

Uhujwa ngomthetho owabulala ingwe, wayihambisa eSilweni

by | 22 July 2026

UHUJWA ngomthetho owabulala iNgwe wayi- nikeza iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ezinya- ngeni eziyisithupha ezedlule.

UMnu Mtholiseni Gwamanda waseMabomvini, eMsinga, owadu- bula ingwe okuthiwa yamvukela entabeni ehamba nezingane zakhe mhla ka-22 kuNhlolanja (February) wayibulala, usevule- lwe icala ngabezemvelo.

UGwamanda utshele ILANGA ukuthi asefike kaningi amaphoyisa emzini wakhe, embhalisa izitatimende, efuna nesibhamu esase- tshenziswa kubulawa lesi silwane.

Uthi ulindele ukuya enkantolo uma sekuphume usuku azobizwa ngalo ngesonto elizayo, ngokusho kwamaphoyisa.

“Amaphoyisa athi ngabulala isilwane esingabulawa. Sengibiki- le eSilweni ngale nkinga engibhe- kene nayo, sathi iSilo ngeke sivume kudlalwe ngami ngoba naso siyathinteka kulesi silwane esabulawa,” esho.

Uthi ngokwamaphoyisa, ashilo nokuthi ngubani kwezemvelo ovule leli cala esiteshini eGreytown. 

Utshele leli phephandaba ukuthi impilo yakhe nezingane zakhe beyisengcupheni ngesikhathi ebulala ingwe, waze wafelwa yizinja zakhe ezazizama ukumvikela ngesikhathi lesi silwane sifuna ukuqeda ngaye.

“Ngafelwa yizinja eziwu-6 zibu- lawa yilesi silwane, ukuba zazi- ngekho mhlawumbe ngabe kangi- kho emhlabeni ngoba yizona izi- nja ezaziyiphazamisa ingwe, zilwa nayo.
    “Izingane zami ngazibalekisa ngazigibeza esihlahleni, ngase ngikhipha isibhamu ngadubula,” kusho uGwamanda.

Okhulumela uMnyango weze- Mvelo kwaZulu-Natal, uMnu Musa Mntambo, uthe njengoba kuphi- lwa ngaphansi kwemithetho yezwe elawula nokuvikelwa kwe- zilwane, yilokho okwenze ukuba umnyango uvule icala.

“Umthetho wezemvelo kawuvu- mi okwamanje ukuba sibulawe lesi silwane. Uma sicabanga ukuthi kukhona umuntu owazingela ngenhloso yokusibulala, kufanele sivule icala ukuze ayochaza enka- ntolo, bese kuba yiyona emkhipha phambili uma ikholelwa ekutheni wayezivikela.
   “Ngeke sigoqe izandla ekubeni lolu daba lwalusemphakathini; kufanele abantu bafundiseke ngezemvelo,” kusho uMntambo. 

Ngesikhathi uGwamanda ebulele lesi silwane, iSilo sacela ukuba silethwe eNdlunkulu, sahlabisa uGwamanda ngenkomo nesipho sika-R30 000

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...