Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuqokwe umphathi wesikhashana eMUT

Kuqokwe umphathi wesikhashana eMUT

by | 3 March 2026


KUQOKWE umphathi we-sikhashana eMangosuthu University of Technology (MUT). USolwazi Rushiella Songca uzokuba yise-kela leshansela kule nyuvesi, ku-sukela mhla ka-2 kuNdasa (March).
Lokhu kumenyezelwe nguSihlalo wenyuvesi uDkt Mosidi Makgae. Uthi bayaziqhenya ngoSolwazi Songca osehole kweze-mfundo ephakeme iminyaka engaphezulu kuka-20.


Uthi uke waba ngumphathi (Vice Chancellor) eWalter Sisulu University, lapho akwazi khona ukukhulisa lesiya sikhungo imi-nyaka ilandelana, okubalwa eku-sikhuliseni kwezemali, wabuyisa uzinzo kwezemfundo.
“Ngaphezu kokuba ngumphathi iminyaka eminingi, ukwazile ukuzibonakalisa nasocwaningweni jikelele,” kusho uDkt Makgae.
USolwazi Songca uneziqu zo-budokotela kwezomthetho azi-thole e-University of Pretoria, lapho agxila khona ocwaningweni lwamalungelo ezingane.


Une-Masters kwezomthetho ayithola eGeorgetown University, eWashington, D.C. Ufunde ezikhu-ngweni eziningi zemfundo epha-keme okubalwa i-University of KwaZulu-Natal, i-University of Lesotho ne-University of Johannesburg.
Uke waphatha e-University of South Africa (unisa) eyiDean of Students, waba yisekela likasekela weshansela wenyuvesi.
UDkt Makgae uthi bamemukela ngezandla ezifudumele uSolwazi Songca.


“Kasingabazi ukuthi amagalelo akhe azokwazi ukuthatha inyuvesi yethu ayibeke ezingeni elipha-keme,” esho.
Le nyuvesi yamisa obengu-mphathi wayo nyakenye ngoLwezi (November) uSolwazi Noku-thula Sibiya, uDkt Bheki Ntsha-ngase oyiSenior Director yakwa-Operations noDkt Buhlebakhe Msomi.
Bonke abamiswa bebesolwa ngenkohlakalo yokuziqashela onogada babo, kungalandelwanga imigudu efanele. Kuthiwa iningi imali yenyuvesi ebikhokhelwa le nkampani yonogada.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...