THANDOLUHLE NGUBO
UNETHEMBA lokuthi uzosheshe ubuthole ubulungiswa umndeni wommeli okuthiwa ugwazwe wabulawa ngumyeni wakhe oyiphoyisa likaMasipala weTheku, esigamekweni esenzeke emzini wabo ngenyanga edlule.
Lokhu ukuveze ngesikhathi uQiniso Sishi (41) (osesithombeni) ongumsolwa, elaxaze isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namhlanje.
USishi osolwa ngokugwaza amanxeba awu-7, abulale uNkk Thandokuhle Sishi, uMaMkhize (45), utshele inkantolo ngomlomo wommeli wakhe, uMnu Musawenkosi Mkhize, ukuthi ngeke esasifaka lesi sicelo.

Umshushisi, uMnu Calvin Govender, neMantshi uMnu Sicelo Zuma, basivumile lesi sicelo. UGovender utshele inkantolo ukuthi leli cala – eseledluliselwe eHhovisi lomQondisi wabaShushisi KwaZulu-Natal njengoba lisezingeni lokuqulwa enkantolo enkulu – uphakamise ukuba liguqele umhla ka-29 wenyanga ezayo.
Udadewabo kamufi, uNkz Khumbuzile Mkhize, utshele ILANGA ukuthi bajabule ngesinyathelo sikaSishi. Uthe isimo sisenzima emndenini emuva kokubulawa kukadadewabo.
“Singasho ukuthi sijabule njengoba elaxaze isicelo sebheyili, ngoba vele kuyinto efanele ukuthi ayenze. Ngikholwa wukuthi kumele abhadle ejele ngesenzo sakhe. Kusenzima. Siyethemba ukuthi leli cala lizosheshe liphele, sithole ubulungiswa,” esho.







