Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ibuyela enkantolo indodakazi kaZuma

Ibuyela enkantolo indodakazi kaZuma

by | 19 March 2025

NGUNKK Duduzile Zuma-Sambudla noyise uMnu Jacob Zuma.


KULINDELWE ukuba avele kusasa ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, obhekene namacala okuphehla udlame emphakathini.


UNkk Zuma-Sambudla, oyilungu leMK Party ePhalamende, usolwa ngokugqugquzela udlame ngesikhathi sezibhelu zangoNtulikazi (July) ku-2021.


Kuzokhumbuleka ukuthi kwashona abantu abangu-354 ngenza yezigameko zokutatshwa kwempahla nokushiswa kwezitolo nezindawo zokugcina impahla, ngemuva kokuboshwa kwaloyo owayengumengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma.


UNkk Zuma-Sambudla wazinikela emaphoyiseni ngoMasingana (January) walo nyaka ngaphambi kokuvela enkantolo, wadedelwa ngesexwayiso.


Umbuso umsola ngokukhuthaza abantu ukuvukela umbuso (terrorism) nokususa udlame esebenzisa izinkundla zokuxhumana.


Phambilini uMnu Dali Mpofu, ongummeli kaNkk Zuma-Sambudla watshela inkantolo ukuthi ikilayenti lakhe lihlela ukuliphika icala uma seliqulwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...