
KULINDELWE ukuba avele kusasa ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseThekwini uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, obhekene namacala okuphehla udlame emphakathini.
UNkk Zuma-Sambudla, oyilungu leMK Party ePhalamende, usolwa ngokugqugquzela udlame ngesikhathi sezibhelu zangoNtulikazi (July) ku-2021.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwashona abantu abangu-354 ngenza yezigameko zokutatshwa kwempahla nokushiswa kwezitolo nezindawo zokugcina impahla, ngemuva kokuboshwa kwaloyo owayengumengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma.
UNkk Zuma-Sambudla wazinikela emaphoyiseni ngoMasingana (January) walo nyaka ngaphambi kokuvela enkantolo, wadedelwa ngesexwayiso.

Umbuso umsola ngokukhuthaza abantu ukuvukela umbuso (terrorism) nokususa udlame esebenzisa izinkundla zokuxhumana.
Phambilini uMnu Dali Mpofu, ongummeli kaNkk Zuma-Sambudla watshela inkantolo ukuthi ikilayenti lakhe lihlela ukuliphika icala uma seliqulwa.