Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ofunelwa amacala ’emali yokuvikela’ ezinsolweni zokubulala intombi nonina wayo

Ofunelwa amacala ’emali yokuvikela’ ezinsolweni zokubulala intombi nonina wayo

by | 10 April 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aseqinise umkhankaso wawo wokuthungatha uLinda Hlongwa, owaziwa ngeMjinja noma uPutin, waseMarriannhil, owakhishelwa incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ngasekupheleni konyaka odlule.

Lokhu kuvele ngesitatimende esikhishwe ngumkhulumeli wamaphoyisa kulesi sifundazawe uCol Robert Netshiunda, oveze khona ukuthi phezu kwamacala abefunelwa wona uMjinja, uyanukela nakwawokufa kwabesifazane ababili abadutshulwa babulawa ngenyanga edlule.

Phambililini amaphoyisa amemezela ukuthi asekhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaMjinja ngezinsolo zokwesabisa nokukufuna ngodli imali “yokuvikela” kosomabhizinisi basemalokishini akhelene neMarrianhill.

Kwavela ukuthi uMjinja ufunelwa namacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, nokuyicala aliboshelwa ngo-2020, wadedelwa ngebheyili ngesikhathi kusalindwe imiphumela ecacisa kabanzi ngokuthi lezi zibhamu ziyathinteka emacaleni enziwa phambilini.

Ngemuva kokudedelwa kwakhe, kuthiwa kazange ayilandele imigomo yebheyili futhi akayanga nasenkantolo ngosuku okwakumele afike ngalo. Ngokusho kukaNetshiunda, ukuqina komkhankaso wokuthungatha uMjinja kuza ngemuva kokuba enukeka ekufeni kwentombi yakhe nonina wayo abadutshulwe babulawa ngenyanga eyedlule.


“UHlongwa usolwa ngokubulala owesifazane oneminyaka ewu-22 obeyintombi yakhe nonina wayo oneminyaka ewu-52 abadutshulwa babulawa ekhaya labo eliseNazareth, ePinetown, ngomhla ka-18 wenyanga edlule. Sicela nanoma ngubani onolwazi ngoMjinja noma uPutin ukuba athinthe amaphoyisa enombolweni ethi 08600 10111 noma ashayele uCol Sikhakhane ku-079 696 3546,” kusho uNetshiunda.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...