
UZOGUGELA ejele uNonhlanhla “Mama Webhantshi” Mbhele – wodumo lokubulala abantu asondelene nabo ngoba efuna imali yomshwalense wakwaCapitec ayebakhave ngayo – njengoba namhlanje ngoLwesine iNkantolo eNkulu yaseThekwini imgwebe odilikajele abathathu neminyaka ewu-90 ebhadla ejele.
UNonhlanhla “Mama webhantshi” Mbhele noMthofi Msipha – obeyisandla sakhe sokuphonsa kula macala – bagwetshwe ngoxhaxha lwamacala okubalwa kuwona amathathu okubulala namathathu okwakha itulo lokubulala.
Ngaphezu kwalokho, uNonhlanhla ugwetshelwe namathathu okukhwabanisa. Phakathi kwabantu ababulawa yilaba ngoba sekuvuthwe imshwalense; nguNkz Susan Xolo okudadewabo kaNonhlanhla, nguThamsanqa Mthembu ozalwa ngumngani wakhe (uNonhlanhla), noMnu Thulani Cele owayeganwe ngudadewabo kaNonhlanhla.
Inkantolo ibagwebe udilikajele icala ngalinye lokubulala, ewu-15 ecaleni ngalinye lokwakha itulo lokubulala, yabhansela uNonhlanhla ngewu-15 kwawokukhwabanisa, icala ngalinye.
Ijaji lithe lezi zigwebo zihambisana nelesi sokuqala, okungodilikajele. ILANGA belilokhu libika ngalolu daba lapho kwavela khona ukuthi uNonhlanhla wayethathela amalungu omndeni wakhe imishwalense yokufa, kuthi uma isivuthiwe, bese eyawabulala ngosizo lukaMthofi.







