Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kusolwa isandla sensimbi kumphathi ngokuzibulala kukadokotela

Kusolwa isandla sensimbi kumphathi ngokuzibulala kukadokotela

by | 2 April 2025

KUSOLWA isandla sensimbi somunye wabaphathi esibhedlela esizimele saseVryheid, njengembangela yokuzibulala kukadokotela waso, okusolwa ukuthi uziphuzise ushevu, njengoba kuthiwa bese kunesikhathi eside ekhala ngokuhlukunyezwa yilesi sikhulu.

Ngokuthola kweLANGA, izinto ziqale ukungahambi kahle phakathi kukaDkt Francis Idika, wasePitoli, nalesi sikhulu ngemuva kokubekwa kwaso esikhundleni. Imithombo yaleli phephandaba esondelene nalolu daba, ithi izinsolo ziveza ukuthi lesi sikhulu bese kunesikhathi sethwesa u-Idika

amacala okwephulwa kwemigomo yodokotela, kodwa awanqobe.

Umthombo uthi ucabanga ukuthi obekubaqhatha wukuthi u-Idika ubengaphezulu kulesi sikhulu ngokwemfundo nangokwesipiliyoni njengoba ebesesebenze iminyaka ewu-17 kulesi sibhedlela, ezikhundleni ezahlukene.

ILANGA likhulume nosihlalo weNational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu), eVryheid, uMnu Sifiso Zwane okuqinisekisile ukuthi lo dokotela ubesebekwe amacala amaningi,

kodwa aphume phambili kuwona.

Uthi kakuyena u-Idika kuphela obekhala ngesandla sensimbi salesi sikhulu.

UNobhala jikelele weSouth African National Civic Organisation (Sanco) eZululand, uMnu Zipho

Zwane, obesondelene nalo dokotela, uthi balahlekelwe kakhulu ngokufa kwakhe.

Uthi u-Idika ubeke ambikele ngokuhlukunyezwa kwakhe, abethi kunenhlese yobuhlanga.

“Uzibulala nje, emasontweni amabili edlule, lesi sikhulu sayalela onogada besibhedlela ukuba bangamvumeli angene. Kuningi abekubika kithina sizame ukukulungisa, kudlule sibuye sifane isimo.

“Umphakathi wonkana waseVryheid ulahlekelwe, kangazi zingaki izingcingo zabakhalayo esengizitholile kusukela kuphume lezi zindaba,” kusho uZwane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthembise ukubuyela kwiLANGA nempendulo, okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engabuyelanga.

ngubo@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...