
UNXUSE abesilisa ukuba babambe iqhaza ekuvikelweni kwabesifazane nezingane ukuze bazizwe bebalulekile, uMnu Xolani Bhengu oyiMeya kaMaspala waseMfolozi.
UBhengu usho lokhu emcimbini obuyizolo ngeSonto wokubungazwa kwamatshitshi esizwe sakwaMthethwa, eDondotha eMpangeni, obewuhanjelwe yizikhulu zikahulumeni okubalwa kuzo uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkz Mbali Shinga nobuholi bendabuko.
Ubonge nobukhosi besizwe sakwaMthethwa obuholwa yiNkosi uJabulani Mthethwa ngokuqhubeka nokugqugquzela ukwenziwa kwalo mcimbi esizweni sayo nokubambisana okuhle okuphakathi kobuholi bayo nohulumeni.
Ikhuluma kulo mcimbi iNkosi uMthethwa ihambe emazwini kaBhengu.
“Siyabonga ukubambisana okube khona phakathi kobuholi bendabuko nohulumeni esikhathini esifishane kangaka kulungiselelwa lo mcimbi. Kubalulekile nokugqugquzela esihlangene ngabo ukuba baqhubeke nokuziphatha kahle,” kusho uMthethwa.
UNgqongqoshe uShinga ugqugquzele amatshisthi ukuba aqinise kakhulu emfundweni nasekwakheni ikusasa lawo ukuze ezokwazi ukuzimela. Usebenzise ithuba ukuxwayisa amalungu omphakathi ngodlame lobulili, ukuvikelwa kwezingane, ezempilo nokuningi okuthinta imfundo.