Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IChiefs izolwela ukuhlikihla usawoti esilondeni seSundowns

IChiefs izolwela ukuhlikihla usawoti esilondeni seSundowns

by | 27 August 2025

IKAIZER Chiefs ihlose ukuhlikihla usawoti esilondeni esibhibhayo seMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership namuhla ngoLwesithathu ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto.

IChiefs izobhekana namaSandawana asazikhotha amanxeba njengoba ewashiswe ijezi kabuhlungu yi-Orlando Pirates ewakhiphe ngo-4-1 wamaphenathi kwi-semi final yeMTN8 ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

Ngakolunye uhlangothi, iziMpofana zisefomini enhle kulezi zinsuku njengoba zingakaze zehlulwe emidlalweni emithathu eseziyigijimile yeligi, futhi zingakaze zingenelwe yigoli.

UKhalil Ben Youssef (osesithombeni) ongumsizi kaNasreddine Nabi, ongumqeqeshi – okulindeleke ukuba akhuze ibuya ngalo mdlalo – uthi bahlose ukuqhubeka lapho begcine khona nomgqigqo wabo.

“Kumqoka kithina nakubadlali ukuba sibe nokukhulu ukuzethemba njengoba siya kulo mdlalo. Kuningi okusafanele sikwenze kule kilabhu, njengamanje ngingasho ukuthi siku-60% kuya ku-70% endleleni esidlala ngayo.

“Kunezinto eziningi okufanele sisebenzele phezu kwazo kwazise kunabadlali abasha okufanele nabo baqhamuke nesixazululo ekilabhini. Sigculisekile emuva, lokho ku-fanele ngikuveze.

“Kodwa-ke njengoba siya kulo mdlalo, inhloso wukuqhubeka no-mgqigqo wethu wokunqoba imidlalo. Singakwenza lokho ngoba sisekhaya, esikucelayo wukuthi abalandeli bethu basifake kakhulu umfutho kunakuqala,” esho.

Lo mqeqeshi ukuqinisekisile ukuthi uNkanyiso Shinga, u-Ethan Chislett noFlavio Silva sebekulungele ukugijima lo mdlalo futhi bangabanye babadlali asebenga-khetha kubona uma sebebophela isikimu, kwazise zonke izimfanelo zabo seziqondile.

Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership Namuhla ngoLwesithathu iqhathwe kanje:-
EKing Zwelithini Stadium: Golden Arrows vs Magesi 19h30.
EPeter Mokaba: Sekhukhune United vs AmaZulu 19h30.
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Mamelodi Sundowns 19h30.

Ezisematheni

UMatlala unqabe ukudalula ababekhokhela uSibiya kwiMadlanga

UMatlala unqabe ukudalula ababekhokhela uSibiya kwiMadlanga

KUMSHUBELE kwiKhomishini kaMadlanga usomabhizinisi oyamaniswa neqembu lezigebengu, uMnu Vusumuzi ‘Cat’ Matlala enqaba ukuphendula eminye imibuzo ekhala ngokuthi uzolimaza icala njengoba kusamele aphendule enkantolo ngamacala athweswe wona. UMatlala ubenqaba ukuveza...

Undunankulu unikele ngamaTower eMsinga

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli unikele ngama Wi-Fi Network Tower, emphakathini  waseSifuleni, eMsinga. Lokhu kwenzeke njengoba undunankulu ebeseMzinyathi ngoLwesithathu ngokohlelo lukahulumeni wesifundazwe lwe-Operation Sukuma sakhe obekukhona...

Wenqabe ukushuthwa obhekene nelokubulala unina wengane yakhe

Wenqabe ukushuthwa obhekene nelokubulala unina wengane yakhe

KUHLEHLE ukuqala kokuqulwa kwecala lokubulala elibhekene nowesilisa waseMandawe osolwa ngokudubula unina wengane yakhe maqede wazidubula, ngemuva kokuba umsolwa enqabe ukushuthwa ngesikhathi evele enkantolo yeMantshi eScottburgh. UMnu Sibonelo Gumede (29) ubhekene...