Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IChiefs izolwela ukuhlikihla usawoti esilondeni seSundowns

IChiefs izolwela ukuhlikihla usawoti esilondeni seSundowns

by | 27 August 2025

IKAIZER Chiefs ihlose ukuhlikihla usawoti esilondeni esibhibhayo seMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership namuhla ngoLwesithathu ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto.

IChiefs izobhekana namaSandawana asazikhotha amanxeba njengoba ewashiswe ijezi kabuhlungu yi-Orlando Pirates ewakhiphe ngo-4-1 wamaphenathi kwi-semi final yeMTN8 ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

Ngakolunye uhlangothi, iziMpofana zisefomini enhle kulezi zinsuku njengoba zingakaze zehlulwe emidlalweni emithathu eseziyigijimile yeligi, futhi zingakaze zingenelwe yigoli.

UKhalil Ben Youssef (osesithombeni) ongumsizi kaNasreddine Nabi, ongumqeqeshi – okulindeleke ukuba akhuze ibuya ngalo mdlalo – uthi bahlose ukuqhubeka lapho begcine khona nomgqigqo wabo.

“Kumqoka kithina nakubadlali ukuba sibe nokukhulu ukuzethemba njengoba siya kulo mdlalo. Kuningi okusafanele sikwenze kule kilabhu, njengamanje ngingasho ukuthi siku-60% kuya ku-70% endleleni esidlala ngayo.

“Kunezinto eziningi okufanele sisebenzele phezu kwazo kwazise kunabadlali abasha okufanele nabo baqhamuke nesixazululo ekilabhini. Sigculisekile emuva, lokho ku-fanele ngikuveze.

“Kodwa-ke njengoba siya kulo mdlalo, inhloso wukuqhubeka no-mgqigqo wethu wokunqoba imidlalo. Singakwenza lokho ngoba sisekhaya, esikucelayo wukuthi abalandeli bethu basifake kakhulu umfutho kunakuqala,” esho.

Lo mqeqeshi ukuqinisekisile ukuthi uNkanyiso Shinga, u-Ethan Chislett noFlavio Silva sebekulungele ukugijima lo mdlalo futhi bangabanye babadlali asebenga-khetha kubona uma sebebophela isikimu, kwazise zonke izimfanelo zabo seziqondile.

Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership Namuhla ngoLwesithathu iqhathwe kanje:-
EKing Zwelithini Stadium: Golden Arrows vs Magesi 19h30.
EPeter Mokaba: Sekhukhune United vs AmaZulu 19h30.
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Mamelodi Sundowns 19h30.

Ezisematheni

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle. Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo...

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...