Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ucela uMsamariya olungileyo owesifazane ovaleleke e-UAE ngenxa yesikweletu

Ucela uMsamariya olungileyo owesifazane ovaleleke e-UAE ngenxa yesikweletu

by | 22 December 2024

NGUBONGILE Ntombela ocela usizo ukukhokha isikweletu sebhange lase-UAE, ukuze avunyelwe ubukuya kuleli.

USALOKHU eqhubekile nokucela usizo owesifazane wakuleli obhajwe phesheya kwezilwandle, e-United Arab Emirates (UAE), uBongile Ntombela, ngemuva kokuphelelwa wumsebenzi, kanti usenesikweletu.

Le ntokazi incenga ize ikhihle isililo kunanoma ngubani ongakwazi ukuyiboneleka imali engango-R125 000, ukuze ikhokhe isikweletu enaso kwelinye lamabhange akuleliya lizwe, ukuze bayidedele. Ngokusho kwakhe kuTik-Tok, uBongile ubesenza e-UAE, kwaba nokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nomqashi, wabe esephoqwa ukuba esule emsebenzini.

“Kangifunanga ukwesula, base bengixosha kanti bengisanda kuthatha isikweletu. Ngenhlanhla izingane bese ngizihambisile, manje siyangiphelela isikhathi sokuhlala kuleli lizwe, kodwa kanginayo imali okumele ngiyikhokhele leli bhange ngaphambi kokuba bangidedele.

“Ngiyacela kunoma ngabe ngubani ongangelekelela, sizokwenza izinhlelo zokuthi le mali ngizoyikhokha kanjani,” kusho yena.

Uthe usewutholile umsebenzi eNingizimu Afrika kodwa akakwazi ukuzoqala kuwona engasikhokhile lesi sikweletu. Uthe usezamile nokukhala kuhulumeni wakuleli kodwa ubengakalutholi usizo.

Useqale nesikhwama sokucela umnikelo, iBack-A-Budy.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...