Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ucela uMsamariya olungileyo owesifazane ovaleleke e-UAE ngenxa yesikweletu

Ucela uMsamariya olungileyo owesifazane ovaleleke e-UAE ngenxa yesikweletu

by | 22 December 2024

NGUBONGILE Ntombela ocela usizo ukukhokha isikweletu sebhange lase-UAE, ukuze avunyelwe ubukuya kuleli.

USALOKHU eqhubekile nokucela usizo owesifazane wakuleli obhajwe phesheya kwezilwandle, e-United Arab Emirates (UAE), uBongile Ntombela, ngemuva kokuphelelwa wumsebenzi, kanti usenesikweletu.

Le ntokazi incenga ize ikhihle isililo kunanoma ngubani ongakwazi ukuyiboneleka imali engango-R125 000, ukuze ikhokhe isikweletu enaso kwelinye lamabhange akuleliya lizwe, ukuze bayidedele. Ngokusho kwakhe kuTik-Tok, uBongile ubesenza e-UAE, kwaba nokungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nomqashi, wabe esephoqwa ukuba esule emsebenzini.

“Kangifunanga ukwesula, base bengixosha kanti bengisanda kuthatha isikweletu. Ngenhlanhla izingane bese ngizihambisile, manje siyangiphelela isikhathi sokuhlala kuleli lizwe, kodwa kanginayo imali okumele ngiyikhokhele leli bhange ngaphambi kokuba bangidedele.

“Ngiyacela kunoma ngabe ngubani ongangelekelela, sizokwenza izinhlelo zokuthi le mali ngizoyikhokha kanjani,” kusho yena.

Uthe usewutholile umsebenzi eNingizimu Afrika kodwa akakwazi ukuzoqala kuwona engasikhokhile lesi sikweletu. Uthe usezamile nokukhala kuhulumeni wakuleli kodwa ubengakalutholi usizo.

Useqale nesikhwama sokucela umnikelo, iBack-A-Budy.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...