Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kunconywe igalelo lezikole zaseMlazi ngokuphakamisa imiphumela ka-matric eKZN

Kunconywe igalelo lezikole zaseMlazi ngokuphakamisa imiphumela ka-matric eKZN

by | 4 February 2025

UMNYANGO weMfundo KwaZulu-Natal ugqugquzele ukubambisana nokusebenzisana phakathi kothishanhloko bezikole ezenze kahle kwimiphumela kamatikuletshini kanye nalezo ezingenzanga kahle. Lokhu kushiwo yinhloko yalo mnyango uMnu Nkosinathi Ngcobo ngoLwesine, emcimbini obowubanjelwe e-Amanzimtoti Civic Centre, wokubonga nokuklomelisa izisebenzi zomnyango wemfundo kanjalo nabafundi abenze kahle kwimiphumela kamatikuletsheni yonyaka ka-2024 besiFunda saseMlazi.

Kuwo lo mcimbi umnyango uhloniphe othisha, abahloli kanye nothishanhloko abawu-25 izikole zabo ezizuze o-100%. Ekhuluma kulo mcimbi, uNgcobo uthi isiFunda saseMlazi yiso esibe nesandla ekuthuthukeni kwemfundo yesifundazwe esilale isibili kwimiphumela kamatikuletsheni kazwelonke.

“Ngiyacabanga ukuthi sonke siyazi ukuthi isifundazwe sethu senze kahle kakhulu kwimiphumela ka-2024, ukwenza kahle kwazo kuyinto eqalwe ukwenza kahle kwazifunda zethu. IsiFunda saseMlazi singesinye sezibe negalelo elikhulu ekutheni senze kahke njengesifundazwe. Lesi sifunda kasigcinanga ngalokho, siphinde sahamba phambili ngokukhiqiza imfundo esezingeni. Lokhu ngikusho ngoba ko-bachelor abawu-84 000 besifundazwe, abaningi bakhiqizwe yisiFunda saseMlazi. Yikho siqoke ukuzobonga ukusebenza ngokuzikhandla kwazo zonke izisebenzi zomnyango kulesi sifunda kanye nabafundi,” kusho uNgcobo.

UNgcobo uthi lolu hlobo lo mcimbi lubalulekile ngooba yilo olwenza bonke othishanhloko bezikole bafise ukuba yingxenye yalo. Uthi umnyango usazoqhubeka ‘nokushumayela’ elokubambisana phakathi kothishanhloko bezikole. Ubonge nobuholi bomqondisi walesi sifunda uNkk Busisiwe Mahlambi.

“Kubalulekile ukuthi zonke izisebenzi zoMnyango weMfundo zisebenze njengethimba. Ngalokho ngichaza ukuthi singabaholi bomnyango silindele ukuthi othishanhloko bezikole ezenze kahle baqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla, baphinde balekelele ngamaqhinga abawasebenzisile labo abangenzanga kahle, nabo laba abangenzanga kahle silindele ukuthi bazisondeze kulaba abenze kahle banccele ulwazi. Ukucacisa nje ngokungenzi kahle, sisuke sisho labo abahlulekile ukuphasa ngephesenti esisuke sizibekele lona njengomnyango. Isibonelo uma sibeke ukuthi kulo nyaka sizothola u-85%, isikole esithole u-83% sithathwa njengesingenzanga kahle nokuyinto esiyibona isisebenzela kahle njenge-KZN ngoba bonke othisha nabafundi bayazikhandla ekufinyeleleli kulokhu esisuke sikubekile,” kusho uNgcobo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...