Ilanga News
Home 9 Featured 9 IDA ivulele uNgqongqoshe icala

IDA ivulele uNgqongqoshe icala

by | 17 April 2025

LUYAQHUBEKA nokuklayeka ubumbano lukahulumeni wenhlanganisela eNingizimu Afrika kulandela ukuthi iDemocratic Alliance ivulele uNgqongqoshe wezokuHlaliswa koMphakathi, uNkk Thembi Simelane icala lenkohlakalo nokukhwabanisa u-Eskom ngesikhathi esasebenzela inkampani iVictorian.

IDA ikhiphe isitatimende lapho iveze khona ukuthi inethemba lokuthi uphenyo lwamaphoyisa luzofinyelela kumnyombo walezi zizinsolo. Ilungu le-DA ePhalamende, u-Adv Glynnis Breyetenbach uthe bakhethe ukuthi bamvulele icala uNkk Simelane njengoba kusolwa ukuthi weba imali engaphezulu kuka-R700 000 ngokukhwabanisa incwadi yakwa-Eskom ngesikhathi esasebenzela inkampani iVoctorian.

Kubikwa ukuthi u-Eskom wasebenzisa inkampani iVictorian ngenhloso yokuthi kwenziwe imizamo yokunciphisa iziteleka kwenye yezindawo zayo zokuphehla ugesi iKusile Power Plansi ngesikhathi isakhiwa.

Ngokusho kweDA imali eyabe ibizwa inkampani iVoctorian ngokusebenza kwayo, kwavela ukuthi yanyuswa, kuvela ukuthi yayifaka izicelo zokukhokhelwa ngezisebenzi ezingekho.

Leli qembu liveza ukuthi kuzona zonke lezi zicelo zokukhokhelwa ezingekho emthethweni kuvela ukusayina kukaNkk Simelane nokumenza abe mdibimunye kule nkohlakalo.

Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu livula leli cala nje igama likaNkk Simelane liyavela futhi kwinkohlakalo ethinta ukuzitamuzela kwibhange iVBS.

“Umengameli usaqhubeka nokugodla okuqukethwe wumbiko owathunyelwa nguNkk Simelane kuyena mayelana nokuthinteka kwakhe ezinsolweni zeVBS nakuba iDA isizame izikhawu ukumnxenxa ukuba awukhiphele obala,” kusho u-Adv Breytenbach.

Uqhube ngokuthi siyaqhubeka nokushiya imibuzo isenzo sikaRamaphosa sokuvikela uNkk Simelane ngayo yonke indlela, ekubeni eshumayela izwi lokulwa nenkohlakalo.

U-Adv Breytenbach uthi ukuthula kukaRamaphosa nokungathathi izinyathelo kongqongqoshe be-ANC abathinteka kwinkohlakalo, kumenza abe yimpelesi yalobu bugebengu athi ulwa nabo.

Uphethe ngokuveza ukuthi banethemba lokuthi amaphoyisa azoqala uphenyo olunzulu ukuze kwenzeke ubulungiswa ngokuthinteka kukaNkk Simelane kule nkohlakalo.

Ukuvulwa kwaleli cala i-DA kusaqhubeka nokubeka ikusasa lalo hulumeni wenhlanganisela engcupheni njengoba kungakabikhona ukubona ngasolinye phakathi kwayo ne-ANC ngodaba oluthinta ukunyuswa kwe-VAT nokuphasiswa kwebhajethi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...