Ilanga News
Home 9 Featured 9 Idinga ukubuyekezwa eyokutotoswa kwemigulukudu yimithetho yakuleli

Idinga ukubuyekezwa eyokutotoswa kwemigulukudu yimithetho yakuleli

by | 15 October 2025

IPHALAMENDE laseNingizimu Afrika liyakudinga ukubuyekeza ngokushesha eminye yemithetho okubukeka inomthelela ebugebengwini obudla lubi kuleli.

Kuleli sonto, uMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uJenene uNhlanhla Mkhwanazi uphawule ‘ngokutotoswa’ yimithetho yakuleli kwezinswelaboya uma kuqhathaniswa nezakhamizi ezigcina imithetho. Ephendula eminye yemibuzo abephekwa ngayo ngamalungu ekomidi lasePhalamende, elijutshwe ukuphenya ngezinsolo azenza uNdonga ngoNtulikazi (July) – zokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa – uthe isigebengu sakuleli esilahlwe yicala sondliwa ngo-R500 ngosuku ejele.

Le mali ngeyokudla esikudlayo, wugesi ongacishi, amanzi angapheli, wumtholampilo nemfundo yamahhala, ekubeni sihlala endaweni eqashwa ubusuku nemini.

Ngakolunye uhlangothi, abantu abangasebenzi kuleli babonelelwa ngo-R350 ngenyanga, ukubhekana nezindleko zempilo ezimahhala emajele akuleli. UShamase uthi ngisho ukunikwa ibheyili, kumbe ukukhishwa ngoshwele kweziboshwa ezisuke zilahlwe ngamacala abucayi okubulala, ethi kunomthelela ekudlondlobaleni kobugebengu.

Okushiwo nguMkhwanazi kuyisiminya, ngokuba yingxemu kweminye yemithetho yakuleli. Empeleni, kunemithetho edinga ukubuyekezwa ukuqinisekisa inhlalakahle yezakhamizi ezigcina imithetho yezwe. Lapha sibala nemali esetshenziswa yikhomishini elwela amalungelo abantu, esibona sengathi ibuye icimeze uma kufanele ivikele amalungelo athinta awabaqashi bayo, okungabakhokhi bentela, kodwa igxile kwawabantu bokufika, abangena ngokungekho emthethweni kuleli, ukwenza nje isibonelo.

Okushiwo nguNdonga kufakazele okwakhulunywa nguMnu Bheki Cele ngesikhathi esengungqongqoshe wamaphoyisa kuleli, owayihlaba wayihlikiza eyamalungelo eziboshwa ‘agcwele ubhavu’ ukuqhathanisa nezisulu kanye nezakhamizi zakuleli ezigcina imithetho yezwe.

UCele waze wathi ukuze kongeke le mali okondliwa ngayo ababulali emajele, kufanele amaphoyisa aqikelele ukuthi kakufi wona – ekubeni ephethe amathuluzi okusebenza – uma ebhekene nezigebengu ezihlomile. Wayekhuluma nyakenye emngcwabeni wephoyisa laseMtshezi, uConstable Sthembiso Makhathini, eladutshulwa lafa yizigebengu okuthiwa zazizama ukugcweleza isitolo sasendaweni ayeyothenga kusona, engekho emsebenzini.

Nokho uCele wamncoma uMakhathini ngokuthi wakwazi ukudubula endaweni ebucayi omunye wababulali bakhe, owaboshelwa esibhedlela eyothola usizo lwempilo, okwabambisa nabanye ayehamba nabo.

Siyethemba ukuthi okuphakanyiswe nguMkhwanazi ekomidini lephalamende abevele kulona, okuthinta ukulwisana ngempumelelo nobugebengu, kuzobhekisiswa, imithetho ibuyekezwe ukuqinisekisa inhlalakahle yabo bonke abakhele elakuleli.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...