Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ugwetshwe udilikajele umalume owadlwengula umshana

Ugwetshwe udilikajele umalume owadlwengula umshana

by | 13 June 2025

UKUPHUMELA obala kwesisulu ngokunukubezwa kwaso yilungu lomndeni eminyakeni ewu-12 eyedlule, kuholele ekutheni ligwetshwe udilikajele ngoLwesine. Kubikwa ukuthi iNkantolo yesiFunda yaseBloemfontein igwebe uninalume wesisulu (ongeke adalulwe ukusivikela) udilikajele ngaleli cala alenza ngo-2012.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, isisulu sasineminyaka ewu-10 ngesikhathi sehlelwa yilo mshophi. Kuvele ukuthi emuva kweminyaka isisulu sithule nale mfihlo, size sagonyuluka kosonhlalakahle ngo-August wangonyaka odlule. Siveze ukuthi uninalume waso waqala ukusinukubeza ngokocansi sineminyaka ewu-10.

Kubikwa ukuthi ngemuva kokuba sigonyulukile, kube sekuvulwa icala idokodo ladluliselwa ophikweni lweFamily Violence, Child Protection and Sexual Offences. Umphenyi wecala uSergeant Matlale Sello uphenye leli cala ngaphandle kobufakazi be-DNA njengoba bese kuneminyaka eminingi icala lenzeka. Ukusebenza kanzima komseshi kugcine kuholele ekutheni uninalume wesisulu agwetshwe udilikajele ngaleli cala.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...