Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ifakelwa izibuko indaba yomasipala abahluleka wukuhambisa izidingo zomphakathi ngokufanele

Ifakelwa izibuko indaba yomasipala abahluleka wukuhambisa izidingo zomphakathi ngokufanele

by | 6 February 2025

BHEKI NDLOVANA

UMENGAMELI wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, uthembisa ukuthi bazoqhamuka nohlelo oluzolekelela ekutheni omasipala baseNingizimu Afrika basebenze ngendlela efanele.

Ekhuluma ngesikhathi ethula inkulumo yesizwe (SONA) ngoLwesine kusihlwa eCape Town, uRamaphosa uthe emadolobheni amaningi ezweni lonke, imigwaqo ayilungiswa, ukuhlinzekwa kwamanzi nogesi kuvame ukuphazamiseka, udoti awuqoqwa, futhi indle igeleza emigwaqweni.

Ubalule ukuthi enye yezinto edala ukuba omasipala bangasebenzi ngendlela efanele wukuthi komasipala abaningi kushoda izisebenzi ezinamakhono nobungcweti obudingekayo, kanye nezinsiza ezidingekayo ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zabantu.

Uqhube wadalula nokuthi enye inkinga ekhona wukuthi omasipala abaningi, imali abayitholayo emphakathini ngokuhlinzeka izidingo, abayitshali kabusha ekulungisweni kwengqalasizinda.

Uthi kusukela kulo nyaka, bazosebenzisana nomasipala ukusungula uhlelo oluzophathwa ngendlela enobungcweti, lokuqikelela ukuhlinzekwa komphakathi ngamanzi nogesi, kanye nokuthi kunotshalomali olwanele lokulungiswa kwengqalasizinda.

Uphawule ngeTheku wathi kubabonaka umehluko kuleli dolobha njengoba kwenziwe uhlelo lokusebenza ngokubambisana, olubandakanya uhulumeni, osomabhizinisi, nezinye izinhlangano zomphakathi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...