Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ifakelwa izibuko indaba yomasipala abahluleka wukuhambisa izidingo zomphakathi ngokufanele

Ifakelwa izibuko indaba yomasipala abahluleka wukuhambisa izidingo zomphakathi ngokufanele

by | 6 February 2025

BHEKI NDLOVANA

UMENGAMELI wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, uthembisa ukuthi bazoqhamuka nohlelo oluzolekelela ekutheni omasipala baseNingizimu Afrika basebenze ngendlela efanele.

Ekhuluma ngesikhathi ethula inkulumo yesizwe (SONA) ngoLwesine kusihlwa eCape Town, uRamaphosa uthe emadolobheni amaningi ezweni lonke, imigwaqo ayilungiswa, ukuhlinzekwa kwamanzi nogesi kuvame ukuphazamiseka, udoti awuqoqwa, futhi indle igeleza emigwaqweni.

Ubalule ukuthi enye yezinto edala ukuba omasipala bangasebenzi ngendlela efanele wukuthi komasipala abaningi kushoda izisebenzi ezinamakhono nobungcweti obudingekayo, kanye nezinsiza ezidingekayo ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zabantu.

Uqhube wadalula nokuthi enye inkinga ekhona wukuthi omasipala abaningi, imali abayitholayo emphakathini ngokuhlinzeka izidingo, abayitshali kabusha ekulungisweni kwengqalasizinda.

Uthi kusukela kulo nyaka, bazosebenzisana nomasipala ukusungula uhlelo oluzophathwa ngendlela enobungcweti, lokuqikelela ukuhlinzekwa komphakathi ngamanzi nogesi, kanye nokuthi kunotshalomali olwanele lokulungiswa kwengqalasizinda.

Uphawule ngeTheku wathi kubabonaka umehluko kuleli dolobha njengoba kwenziwe uhlelo lokusebenza ngokubambisana, olubandakanya uhulumeni, osomabhizinisi, nezinye izinhlangano zomphakathi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...