Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ISILILO KUDLULA EMHLABENI USOSAYENSI WAKWANONGOMA

ISILILO KUDLULA EMHLABENI USOSAYENSI WAKWANONGOMA

by | 9 February 2025

ISILILO kudlula emhlabeni intokazi ebeyaziwa ngokuzifela ngezemfundo uNkz Senamile Masango, ongowaKwaNongoma.

Ngokuthola kweLANGA uNkz Masango uhlaselwe ukugula ngomhlaka 14 ku-January esendizeni elibangise emcimbini wokubungaza abafundi bamatikuletsheni abenze kahle eNingizimu Afrika.

Kuvela ukuthi uNkz Masango uquleke khona endizeni, waphuma kuyo waphuthunyiswa esibhedlela njengoba eze wahlaselwa ukufa.

Yize noma kungakatholakali ukuthi ubexinwe yini kodwa kuyavela ukuthi nangonyaka odlule uke waxinwa ukugula kwaze kwangathi nengqondo inokuphambana kancane kodwa wabuye walulama.

UNkz Masango ubekholelwa kakhulu kwezemfundo kanti ube ngowesifazane wokuqala wase-Africa ukuba yingxenye yethimba elayokwenza ucwaningo kwi-CERN, okuyisikhungo okwenziwa kusona ucwaningo olusezingeni eliphezulu kweze-Science.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...