Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ISILILO KUDLULA EMHLABENI USOSAYENSI WAKWANONGOMA

ISILILO KUDLULA EMHLABENI USOSAYENSI WAKWANONGOMA

by | 9 February 2025

ISILILO kudlula emhlabeni intokazi ebeyaziwa ngokuzifela ngezemfundo uNkz Senamile Masango, ongowaKwaNongoma.

Ngokuthola kweLANGA uNkz Masango uhlaselwe ukugula ngomhlaka 14 ku-January esendizeni elibangise emcimbini wokubungaza abafundi bamatikuletsheni abenze kahle eNingizimu Afrika.

Kuvela ukuthi uNkz Masango uquleke khona endizeni, waphuma kuyo waphuthunyiswa esibhedlela njengoba eze wahlaselwa ukufa.

Yize noma kungakatholakali ukuthi ubexinwe yini kodwa kuyavela ukuthi nangonyaka odlule uke waxinwa ukugula kwaze kwangathi nengqondo inokuphambana kancane kodwa wabuye walulama.

UNkz Masango ubekholelwa kakhulu kwezemfundo kanti ube ngowesifazane wokuqala wase-Africa ukuba yingxenye yethimba elayokwenza ucwaningo kwi-CERN, okuyisikhungo okwenziwa kusona ucwaningo olusezingeni eliphezulu kweze-Science.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...