Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Igabe ngobuchwepheshe be-AI i-Honor 400/400 Pro

Igabe ngobuchwepheshe be-AI i-Honor 400/400 Pro

by | 22 June 2025

UGABE ngobuchwepheshe besimanje manje umakhalekhukhwini wohlobo lweHonor 400/ 400 Pro owethulwe ngokusemthethweni ngoLwesine eKyalami eGoli.

Umcimbi wokwethulwa kwalo makhalekhukhwini ubuhanjelwe ngosaziwayo nabezemidlalo abahlukene.

Isikhulu esiphezulu se-Honor South Africa uMnu Fred Zhou uthe inhloso enkulu yokwethulwa kwalo makhalekhukhwini wukuba ibhuloho lokuxhumanisa iNingizimu Afrika neChina nokukhuphula izinga obuchwepheshe kuleli.

Uthe iningizimu Afrika isizibonakalisile ukuthi ikulungele ukuhambisana nalobu buchwepheshe kodwa idinga ukuthi ukubambisana namazwe afana neChina ukuze akwazi ukuba wusizo ikakhulukazi ezikoleni nasezindaweni zasemakhaya.

“Njengenkampani asifuni ukufika sigxile ekwakheni inzuzo kuphela kodwa sifuna ukuthuthukisa siphinde sicobelele ngolwazi ukuze iNingizimu Afrika ingasaleli emuva.

Sesiqalile ukwakha ubudlelwano nasohlangothini lwezemidlalo ngoba sifuna ukuthi nakuwona lo mkhakha ubuchwepheshe besimanje bube sekhaleni,” kusho uZhou echaza ngobudlelwano obuphakathi kweHonor neBafana Bafana.

Le nkampani iphinde wazibonakalise ngesikhathi ijabulisa abadlali beqembu elingaphansi kweminyaka ewu-20 ngokubanika omakhalekhwini abasezingeni ngokunqoba kwabo emqhudelwaneni wase-Afrika.

UJacques Mapepe oyi-Training Manager ohlangothini lwezobuchwephesh uchaze iHonor 400/400 Pro njengethuluzi elinakhokonke esandleni somuntu.

“Kusukela kwi-AI okuwubuchwepheshe obungenisile esikhathini samanje lo makhalekhukhwini unabo kanti okumqoka wukuthi ezophepha kulo makhalekhwini ziqinile kuwona ngeke ulwazi lwakhe luwele kwezinye izandla kalula nje,” esho.

Uthe okunye abantu abazokuthanda ngawo wukuthi uyakwazi ukuthatha isithombe esidala esashuthwa ngomakhalekhwini abangekho ezingeni usenze sibukeke sisisha.

“Okunye okuzothokozisa abantu wukuthi ngenxa yekhamera esezingeni ikwazi ukukushutha into ebuqamama futhi isithombe siphumbe njengoba sinjalo,” echaza.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...