Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Igabe ngobuchwepheshe be-AI i-Honor 400/400 Pro

Igabe ngobuchwepheshe be-AI i-Honor 400/400 Pro

by | 22 June 2025

UGABE ngobuchwepheshe besimanje manje umakhalekhukhwini wohlobo lweHonor 400/ 400 Pro owethulwe ngokusemthethweni ngoLwesine eKyalami eGoli.

Umcimbi wokwethulwa kwalo makhalekhukhwini ubuhanjelwe ngosaziwayo nabezemidlalo abahlukene.

Isikhulu esiphezulu se-Honor South Africa uMnu Fred Zhou uthe inhloso enkulu yokwethulwa kwalo makhalekhukhwini wukuba ibhuloho lokuxhumanisa iNingizimu Afrika neChina nokukhuphula izinga obuchwepheshe kuleli.

Uthe iningizimu Afrika isizibonakalisile ukuthi ikulungele ukuhambisana nalobu buchwepheshe kodwa idinga ukuthi ukubambisana namazwe afana neChina ukuze akwazi ukuba wusizo ikakhulukazi ezikoleni nasezindaweni zasemakhaya.

“Njengenkampani asifuni ukufika sigxile ekwakheni inzuzo kuphela kodwa sifuna ukuthuthukisa siphinde sicobelele ngolwazi ukuze iNingizimu Afrika ingasaleli emuva.

Sesiqalile ukwakha ubudlelwano nasohlangothini lwezemidlalo ngoba sifuna ukuthi nakuwona lo mkhakha ubuchwepheshe besimanje bube sekhaleni,” kusho uZhou echaza ngobudlelwano obuphakathi kweHonor neBafana Bafana.

Le nkampani iphinde wazibonakalise ngesikhathi ijabulisa abadlali beqembu elingaphansi kweminyaka ewu-20 ngokubanika omakhalekhwini abasezingeni ngokunqoba kwabo emqhudelwaneni wase-Afrika.

UJacques Mapepe oyi-Training Manager ohlangothini lwezobuchwephesh uchaze iHonor 400/400 Pro njengethuluzi elinakhokonke esandleni somuntu.

“Kusukela kwi-AI okuwubuchwepheshe obungenisile esikhathini samanje lo makhalekhukhwini unabo kanti okumqoka wukuthi ezophepha kulo makhalekhwini ziqinile kuwona ngeke ulwazi lwakhe luwele kwezinye izandla kalula nje,” esho.

Uthe okunye abantu abazokuthanda ngawo wukuthi uyakwazi ukuthatha isithombe esidala esashuthwa ngomakhalekhwini abangekho ezingeni usenze sibukeke sisisha.

“Okunye okuzothokozisa abantu wukuthi ngenxa yekhamera esezingeni ikwazi ukukushutha into ebuqamama futhi isithombe siphumbe njengoba sinjalo,” echaza.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...