Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 “Ngeke sesatshiswa nguTrump” – Mantashe

“Ngeke sesatshiswa nguTrump” – Mantashe

by | 4 February 2025

UNGQONGQOSHE wezokuMbiwa kuleli uMnu uGwede Mantashe, uthi iNingizimu Afrika ngeke ibanjwe nguMengameli waseMelika, uMnu Donald Trump, ngobhongwana.

UMengameli uTrump, usabise ngokuthi uzoluhoxisa uxhaso izwe lakhe elilunika iNingizimu Afrika, ngoba kunabathile abathathelwa umhlaba wabo kuleli ngaphandle kwesinxephezelo.

Ekhuluma kwi-Africa Mining Indaba, eCape Town, uMnu uMantashe, uthe amazwe ase-Afrika anomhlaba onomnotho ngaphansi kwawo.
“Uma iMelika izohoxisa uxhaso, nathi ngeke sibanike umkhiqizo ombiwa phansi wamazwe ethu. Asiwona amazwe aphilela ukukhangezwa,” esho.


UMengameli uTrump, ubhale ekhasini lakhe iTruth Social Media, ukuthi eNingizimu Afrika, kuneqeqebana labantu elephucwa umhlaba, wathi alukho uxhaso azolunika lelizwe kuze kube kuphothulwa uphenyo ngalokhu.


Wesekwa nguMeluleki wakhe uMnu Elon Musk, ongusozimali futhi owazalelwa lapha eNingizimu Afrika. Ekhuluma nabezindaba uMengameli uTrump uthe, abaholi baseNingizimu Afrika, benza izinto ezihlasimulisa umzimba.


UMengameli uCyril Ramaphosa, usesho kaningi ukuthi i-Expropriation Act, akuhlosiwe ngayo ukuthathela abantu umhlaba, njengoba kunabathile abesaba ukuthi lo mthetho omusha uzokwenza leso esenzeka eZimbabwe, kuphangwa amapulazi abalimi abamhlophe.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...