
LIZOQALA ukuqulwa kuleli sonto eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu icala lokubulala elibhekene nabashadile bakwaMchunu, abasolwa ngokubulawa kukanina wengane yendoda, esigamekweni esenzeka eMgungundlovu ngo-2017.
UMnu Thokazani “Sgci” Mchunu noNkk Nomusa Mchunu babhekene necala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokuthumba. Basolwa ngokuthumba babulale uNkz Noluthando Khomo (24), owatholakala edutshuliwe ehlathini eMgungundlovu, nokuzama ukubulala indodana yakhe ayizala noMchunu, eyayinezinyanga eziwu-6 ngaleso sikhathi, eyadutshulwa engalweni.
UMchunu nenkosikazi yakhe baboshwa ngonyaka odlule ngemuva kokuboshwa kwenkabi, uSimiso Jerome Liphenyana, eyaveza ukuthi yathunywa yibo (abashadile), yabe seyigwetshwa iminyaka ewu-8.
ILANGA labika kabanzi ngalolu daba ngasekuqaleni kwalo nyaka, laze lahambela unina kamufi, uNkz Nonku Khomo, owalilandisa ngobunzima yena nomndeni wakhe abadlule kubo ngemuva kokubulawa kwe-ndodakazi yakhe.
Ngokombiko owatholakala, kwavela ukuthi umufi wayefunda eDurban University of Technology, ophikweni lwaseNdumiso, ngesikhathi kuvela ukuthi usebudlelwaneni noMchunu, owayeyisisebenzi sikaMasipala waseMsunduzi. Waveza ukuthi izinkinga zaqala ngesikhathi kuvela ukuthi indodakazi yakhe ikhulelwe, zaqhubeka kakhulu ngemuva kokubulawa kwayo, kangangokuba yena nomndeni wakhe, bagcina bephila ngokubhaca ezindaweni ezehlukene njengoba ingane kamufi eyasinda, isesekubhaceni namanje.
Waveza ukuthi indodakazi yakhe yahlaselwa izikhawu ngaphambi kokuba ibulawe. Wabalula ukushaywa kanzima kwayo ngabantu okwalandelwa wukudutshulwa komuzi wakhe ngabantu abangaziwa, ngenhlanhla kwangalimala muntu. Walandisa leli phephandaba ngokwenzeka ngosuku lwesigameko, waveza ukuthi indodakazi yakhe yathathwa kubo ngabantu abazibiza ngamaphoyisa, bathi bayiyisa esiteshini samaphoyisa saseBoston, eMgungundlovu.
Uthi wabuye wathola umyalezo ovela kuyona indodakazi yakhe, imtshela ukuthi abayithathile kabayi eBoston, futhi kabawona amaphoyisa. Wathi ntambama ngalo lelo langa, wathola umbiko wokuthi indodakazi yakhe itholakale ibulewe, ngenhlanhla ingane yasinda.
Nalapho, kwalekelela amalungu omphakathi akwazi ukubamba umsolwa, “ambeka izandla” waboshwa, kodwa wadutshulwa wafa esahamba icala. Wachaza leli cala njengebese lifile, kwaze kwaba kungenelela umphenyi walo wamanje ongowesi-6, uSayitsheni uSithole, owabambisana nenkampani yonogada ezimele iMagama, kwaboshwa abasolwa.







