Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umnyango nezinhlelo zokwelula isikhathi selayisensi yokushayela

Umnyango nezinhlelo zokwelula isikhathi selayisensi yokushayela

by | 8 July 2025


UMnyango wezokuThutha kuzwelonke uthi usezinhlelweni zokwelula isikhathi samalayisensi okushayela izimoto, sisuke eminyakeni emihlanu siye kwewu-8.


Lokhu kuza ngemuva kwezikhalo zomphakathi ngokubambezeleka kokubuya kwamakhadi abo okushayela, ngenxa yezinkinga ezithinta umshini wokuwagaya, okuyiwona wodwa ezweni lonke.


Umnyango utshele abezindaba ukuthi iDriving License Card Account, okuyinhlangano ebhekelele ukukhiqizwa kwamakhadi okushayela, iyasicubungula lesi siphakamiso. Uthi uma seluphothuliwe lolu hlelo, umnyango uzoxhumana nezinhlaka ezithintekayo ngaphambi kokuthumela isiphakamiso ePhalamende.


Ngokombiko weMybroadband, izindleko zokukhiqizwa kwamalayisensi okushayela zingenisela uhulumeni imali elinganiselwa ku-R600 million ngonyaka. Kuthiwa emalini ekhishwa ngumuntu ukukhokhela ilayisensi yokushayela, cishe wu-R60 kuphela oya ezindlekweni zokukhiqiza ikhadi, enye imali iya kuhulumeni.


Siyanda nesibalo sabantu abathi makuvalwe amakhadi aphathekayo, kwenziwe ikhadi eledijithali, ukuhambisana nokuguquka kwesikhathi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...