Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umnyango nezinhlelo zokwelula isikhathi selayisensi yokushayela

Umnyango nezinhlelo zokwelula isikhathi selayisensi yokushayela

by | 8 July 2025


UMnyango wezokuThutha kuzwelonke uthi usezinhlelweni zokwelula isikhathi samalayisensi okushayela izimoto, sisuke eminyakeni emihlanu siye kwewu-8.


Lokhu kuza ngemuva kwezikhalo zomphakathi ngokubambezeleka kokubuya kwamakhadi abo okushayela, ngenxa yezinkinga ezithinta umshini wokuwagaya, okuyiwona wodwa ezweni lonke.


Umnyango utshele abezindaba ukuthi iDriving License Card Account, okuyinhlangano ebhekelele ukukhiqizwa kwamakhadi okushayela, iyasicubungula lesi siphakamiso. Uthi uma seluphothuliwe lolu hlelo, umnyango uzoxhumana nezinhlaka ezithintekayo ngaphambi kokuthumela isiphakamiso ePhalamende.


Ngokombiko weMybroadband, izindleko zokukhiqizwa kwamalayisensi okushayela zingenisela uhulumeni imali elinganiselwa ku-R600 million ngonyaka. Kuthiwa emalini ekhishwa ngumuntu ukukhokhela ilayisensi yokushayela, cishe wu-R60 kuphela oya ezindlekweni zokukhiqiza ikhadi, enye imali iya kuhulumeni.


Siyanda nesibalo sabantu abathi makuvalwe amakhadi aphathekayo, kwenziwe ikhadi eledijithali, ukuhambisana nokuguquka kwesikhathi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...