Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 IGagasi liqhakambisa abalaleli liqokwa kowezindondo

IGagasi liqhakambisa abalaleli liqokwa kowezindondo

by | 15 April 2025

LUCKY CAIN

UQHAKAMBISE abalaleli beGagasi FM, uMinenhle Dlamini ongumphathi walo msakazo kulandela ukuvela kwezindaba zokuqokwa kwawo emcimbini wokuklomelisa we-Urban Music Awards 2025. IGagasi eselike lahlomula ngezindondo ezahlukene kweminye imicimbi yokuklomelisa, lisaqhubeka nokukhombisa ukudlondlobala kwezokusakaza njengoba libalwa neminye yemisakazo ehamba phambili eNingizmu Afrika nakuba lizinze KwaZulu- Natal.

Umcimbi we-Urban Music Awards uklomelisa abaculi, abadidiyeli bezingoma bezinhlobo ezahlukene kanye nemisakazo edlala indima ukusabalalisa izinhlobo ezahlukene zomculo kanti kuba ngabantu abavotayo ukuze kukonyeliswe osuke enqobile. Ephawula ngokuqokwa kwalo msakazo uMinenhle, uthe bazizwa bekujabulele lokhu kanti banethemba lokuthi abalaleli balo msakazo bazokwenza izimanga ngokuthi babavotele ukuze bayithole le ndondo.

“Ukuqokwa kwethu kukhombisa ngokusobala ukuthi sisayibambile futhi nomsebenzi wethu esiwenzayo uyabonkala. Lokhu kuqokwa kukhombisa ukuzinikela kwethu ukuqinisekisa ukuthi siba yizwi nephimbo laseKZN namaphethelo,” kusho

uMinenhle onguMqondisi Jikelele walo msakazo. IGagasi ngonyaka owedlule liklonyeliswe ngendondo yeMost Prominent Regional Radio Station emcimbini weBehind The Scenes Awards. UMinenhle uphinde wahalalisela nokuqokwa komunye wabo uKhaya Mthethwa ongumsakazi walo iGagasi kodwa ophinde abe ngumculi we-gospel. Kulo mcimbi uKhaya uqokwe njengomculi ngaphansi komunxa weBest Gospel Act.

UMinenhle unxenxe abalaleli balo msakazo ukuba babavotele njengoba imininingwane yokuvota bezoyimemezela emsakazweni. UKhaya uveze ukuthi kuhlale kuyintokozo ukuqokwa emcimbini yokuklomelisa ngoba lokhu kusho ukuthi abantu bayawubona umsebenzi wakhe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...