Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 IGcokama liqede ukuqagela ‘ngokubhixana’ nowodumo kwiParis

IGcokama liqede ukuqagela ‘ngokubhixana’ nowodumo kwiParis

by | 7 January 2025

UGQUGQUZELWE wukulethwa kwemicimbi emikhulu emakhaya umculi kamasikandi uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele emcimbini wakhe obizwa ngoMthandeni Summer Experience obungempelasonto esezinkundleni zemidlalo eMkhaliphi, endaweni yaseNhlwathi, eMkhanyakude.

Lo mcimbi bewuhlanganise nomgubho wokunqoba kwengoma yakhe ethi, “Gucci” ekuhlukaniseni unyaka eziteshini eziningi zemisakazo kubalwa nakomkhulukazi kuleli, Ukhozi FM.

Uthe ukwenziwa kwemicimbi emikhulu emakhaya, kungadonsa abantu basezindaweni ezikude, besebebona amathuba okuthuthukisa indawo esilele emuva entuthukweni.

“Singayenza imicimbi emikhulu koMoses Mabhida, eThekwini, kodwa masisukumele izindawo zangakithi emakhaya okuyizona esikhulele kuzona ukuze zithuthuke ngokwenziwa kwemicimbi emikhulu kuzona. Eyethu iMoses Mabhida sizoyenza khona lana ekhaya eMdletsheni.

“Izikhulu ezivakashe kulo mcimbi ziwubonile umgwaqo wakithi ongemuhle esifuna uthuthuke. Amahhotela ayenzile imali nezinye izindawo zokulala, ungenile umnotho njengoba abantu begcwele eMdletsheni bezobona ngiqopha umlando,” kusho iGcokama.

Limemezele ukuthi lo mcimbi uzokuba khona futhi nangonyaka ozayo ngomhla ka-3 kuMasingana (January) 2026.

Uthi kunezinto eziningi ezimuphazamisile ngesikhathi efika emculweni ngenxa yendawo akhulele kuyona.

“Njengamanje sengithathe isinqumo sokuthi mangemukele lonke uhlobo lomuntu olukhona ezweni. Yingakho nangesikhathi ingoma yami ethi, iParis okwathi uma ingawuhlakanisi unyaka, kwacasuka nina, hhayi mina. Lokho kwakuyizinkomba zokuthi uNkulunkulu ulwa ngabantu bakhe,” kusho iGcokama.

Likhale ngokuthi umcimbi walo kawunabo abaxhasi, laselibonga inkampani yabangcwabi, Amathole Funeral kaMnu Vezokuhle Nala.

“Lo mcimbi kawunabo abaxhasi, sixhaswe Amathole, asifakela i-stage sikanokusho esisezingeni lokucula abaculi abafana noChris Brown (waseMelika osanda kuqopha umlando egcwalisa phama iFNB Stadium, eGoli). UNala uthe nalapha sinaye umculi osezingeni likaChris Brown, wasecasuka wanikela,” kusho iGcokama.

Kulo mcimbi bekuminyene utshumo, iGcokama liqede ukuqagela kwabaningi ngesikhathi litheleka esiteji noLwah Ndlunkulu obekunezinkulumo zokuthi kabasancindelani odengezini olulodwa njengoba emcimbini wanyakenye weGcokama kwasuka umsindo ngesikhathi uLwah edalula ukuthi akamenywanga.

IGcokama liwashaye wonke amanoni eliwaqophe nabanye abaculi okubalwa kubona uMawhoo, uSminofu, uNomcebo Zikode naye uLwah.

Bonke laba baculi belingena nabo esiteji ngokwehlukana kwezingoma abapikene kuzona.

Kulo mcimbi bekuboshelwe uDuncan, iBig Nuz, uDJ Tira, uDJ Boonu, TNS, uDSD, uShwi, uBahubhe, uGadla, uMkhathazi, uKhuthuza, uMafikizolo, uGatsheni, uJaiva, nabanye abaningi.

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...