Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 IGcokama liqede ukuqagela ‘ngokubhixana’ nowodumo kwiParis

IGcokama liqede ukuqagela ‘ngokubhixana’ nowodumo kwiParis

by | 7 January 2025

UGQUGQUZELWE wukulethwa kwemicimbi emikhulu emakhaya umculi kamasikandi uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele emcimbini wakhe obizwa ngoMthandeni Summer Experience obungempelasonto esezinkundleni zemidlalo eMkhaliphi, endaweni yaseNhlwathi, eMkhanyakude.

Lo mcimbi bewuhlanganise nomgubho wokunqoba kwengoma yakhe ethi, “Gucci” ekuhlukaniseni unyaka eziteshini eziningi zemisakazo kubalwa nakomkhulukazi kuleli, Ukhozi FM.

Uthe ukwenziwa kwemicimbi emikhulu emakhaya, kungadonsa abantu basezindaweni ezikude, besebebona amathuba okuthuthukisa indawo esilele emuva entuthukweni.

“Singayenza imicimbi emikhulu koMoses Mabhida, eThekwini, kodwa masisukumele izindawo zangakithi emakhaya okuyizona esikhulele kuzona ukuze zithuthuke ngokwenziwa kwemicimbi emikhulu kuzona. Eyethu iMoses Mabhida sizoyenza khona lana ekhaya eMdletsheni.

“Izikhulu ezivakashe kulo mcimbi ziwubonile umgwaqo wakithi ongemuhle esifuna uthuthuke. Amahhotela ayenzile imali nezinye izindawo zokulala, ungenile umnotho njengoba abantu begcwele eMdletsheni bezobona ngiqopha umlando,” kusho iGcokama.

Limemezele ukuthi lo mcimbi uzokuba khona futhi nangonyaka ozayo ngomhla ka-3 kuMasingana (January) 2026.

Uthi kunezinto eziningi ezimuphazamisile ngesikhathi efika emculweni ngenxa yendawo akhulele kuyona.

“Njengamanje sengithathe isinqumo sokuthi mangemukele lonke uhlobo lomuntu olukhona ezweni. Yingakho nangesikhathi ingoma yami ethi, iParis okwathi uma ingawuhlakanisi unyaka, kwacasuka nina, hhayi mina. Lokho kwakuyizinkomba zokuthi uNkulunkulu ulwa ngabantu bakhe,” kusho iGcokama.

Likhale ngokuthi umcimbi walo kawunabo abaxhasi, laselibonga inkampani yabangcwabi, Amathole Funeral kaMnu Vezokuhle Nala.

“Lo mcimbi kawunabo abaxhasi, sixhaswe Amathole, asifakela i-stage sikanokusho esisezingeni lokucula abaculi abafana noChris Brown (waseMelika osanda kuqopha umlando egcwalisa phama iFNB Stadium, eGoli). UNala uthe nalapha sinaye umculi osezingeni likaChris Brown, wasecasuka wanikela,” kusho iGcokama.

Kulo mcimbi bekuminyene utshumo, iGcokama liqede ukuqagela kwabaningi ngesikhathi litheleka esiteji noLwah Ndlunkulu obekunezinkulumo zokuthi kabasancindelani odengezini olulodwa njengoba emcimbini wanyakenye weGcokama kwasuka umsindo ngesikhathi uLwah edalula ukuthi akamenywanga.

IGcokama liwashaye wonke amanoni eliwaqophe nabanye abaculi okubalwa kubona uMawhoo, uSminofu, uNomcebo Zikode naye uLwah.

Bonke laba baculi belingena nabo esiteji ngokwehlukana kwezingoma abapikene kuzona.

Kulo mcimbi bekuboshelwe uDuncan, iBig Nuz, uDJ Tira, uDJ Boonu, TNS, uDSD, uShwi, uBahubhe, uGadla, uMkhathazi, uKhuthuza, uMafikizolo, uGatsheni, uJaiva, nabanye abaningi.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...