Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

by | 9 August 2026

SIKHULU isililo endimeni kamaskandi ngokudlula emhlabeni kwesilomo somculi uScebi “Inkosi Yamagcokama” Dlamini waseMachunwini, eMsinga.

Lo mculi ubesengozini yemoto ebusuku phakathi kwamabili Richards Bay eyonandisa kwiBasadi Maskandi Festival, khona eRichards Bay. Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa imoto yakhe iphazamisane nenye zashayisana, yaphenduka yabachitha.

Kuvela ukuthi ushonele endaweni yesigameko. Kunemibiko engaqinisekisiwe ethi igidangoma lakhe lishonele esibhedlela. Kunemibiko ethi bebebane emotweni, eyiveni abebehambe ngayo.

Abaculi bakamaskandi uKhuzani Mpungose noNtencane, bavuke ebusuku eThekwini kugamenxe ihora lokuqala bezwa lezi zindaba, bazifikela mathupha endaweni okwenzeke kuyona ingozi.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

UMENGAMELI we-Action SA, uMnu Herman Mashaba uthi ayihlome ihlasele ngokhetho loHulumeni baseKhaya, njengoba ekhala ngokufa kwengqalasizinda yomphakathi athi bafuna ukuyivuselela komasipala uma benikwa ithuba. UMashaba ukusho lokhu ebethula umqulu wezethembiso...

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithwe yiNkantolo yoKhetho esimangalweni sawo, ukhala ngokuthi ukhetho lukahulumeni kazwelonke nezifundazwe lwango-2024 lwalungenabulungiswa, futhi lungakhululekile. I-MKP iye kule nkantolo ngezinsolo zokuthi kunobugebengu obenzeka...

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

KUDUTSHULWE kwabulawa oyedwa wabalisa abayanyaniswa nesigameko sokubulawa kwamaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence. Lo mlisa ulahlwe ngelakubo ngesikhathi ethole phezulu namaphoyisa ngenganono endaweni yaseMaplazini, eNanda, ngoLwesihlanu ekuseni. Amaphoyisa...