Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezabagijimi 9 Igile izimanga iNingizimu Afrika kweyeWorld Athletics Relays eChina

Igile izimanga iNingizimu Afrika kweyeWorld Athletics Relays eChina

by | 12 May 2025

IBUYE nezindondo ezintathu iNingizimu Afrika emidlalweni yeWorld Athletics Relays esongwe izolo ngeSonto eGuangzhou, eChina. Iqembu lakuleli kaligcinanga lapho njengoba liphinde lephula amarekhodi amabili akuleli kanti izikhathi ezenziwe ngamaqembu akuleli ziwanike ithikithi lokumela izwe kumaWorld Athletics Championships azokuba ngoSeptember eJapan.

Amaqembu akuleli abuye nezindondo ngele-4x100m elibuye neyegolide, kube ngele-4x400m labesilisa nalo lithole igolide, bese kuba ngelabesifazane le-4x400m elibuye nendondo yethusi. 

Iqembu le-4x100m lidle umhlanganiso ngesikhathi esiwu-37.61 lehluleka kancane ukwenza irekhodi lakuleli okuwu-37.57. Leli qembu belakhiwe ngu-Akani Simbine, nguBayanda Walaza, nguBradley Nkoana noSinesipho Dambile. Indawo yesibili kwi-4x100m ithathwe yi-United States of America (USA) kwathi iCanada yalala isithathu ngesikhathi esiwu-38.17.

Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu (4x100m) libuye nendondo yesiliva nyakenye kuma-Olympic Games eFrance kanti umsubathi owayengekho kulona nguDambile, kwakukhona uShaun Maswanganyi. 

Elinye iqembu lakuleli ngele-4x400m ebeliholwa nguZakithi Nene waKwaZulu-Natal elibuye nendondo yegolide. Lithole indondo yegolide ngesikhathi esiwu-2:57:50 okuyirekhodi elisha lakuleli, licisha u-2:58:17. Belakhiwe nguNene, nguGardeo Isaacs, ngu-Udeme Okon neLeendert Koekemoer. Indawo yeibili kwi-4x400m ithathwe yiBelgium (2:58:19) kwathi iBotswana yalala isithathu ngo-2:58:27.

Elabesifazane le-4x400m libuye neyethusi liqopha isikhathi esiwu-3:24:86, lenza irekhodi elisha lakuleli. Elidala bekuwu-3:28:01. Belakhiwe nguShirley Nekhubui, nguMiranda Coetzee, nguPrecious Molepo noZeney Geldenhuys.

Abasubathi abaningi bakuleli kulindeleke ukuba babonakale emidlalweni yeDiamond League eqhubekayo emadolobheni awu-15 ahlukene.

UZakithi wenze isikhathi esiwu-43:63 okuyisikhathi esisheshayo emhlabeni kulo nyaka kanti ubonakala esondela ku-43:03 okuyirekhodi lo mhlaba eliphethwe uWayde van Niekerk.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...