
USEQALILE emsebenzini wakhe omusha uPitso “Jingles” Mosimane omenyezelwe ngoLwesibili njengenhloko yabaqeqeshi kwiBafana Bafana.
ILANGA lithole ukuthi iSafa seyihlelele iBafana Bafana umdlalo wobungani wokuzifudumezela imidlalo yokuhlunga ye-Africa Cup of Nations (Afcon). Leli phephandaba lithole ukuthi izodlala ne-Egypt mhla ka-4 ku-Oktoba ngo-20h00 wesikhathi saseNingizimu Afrika eCairo.
IBafana Bafana izokuba nemidlalo yokuhlunga ye-Afcon neGuinea ngoMgqibelo mhla ka-26, bese ibhekana ne-Ertrea ekuhambeni mhla ka-30 kuMandulo (September). UDanny Jordaan ongumengameli weSafa utshele abezindaba ukuthi ngaso sonke isikhathi kuzohlale kuyinselelo uma iBafana ibhekene namazwe asenhla njenge-Egypt, kwazise uMosimane usebenze kakhulu kuwona phambilini.
Sekuwumlando ukuthi uMosimane wanqobisa i-Al Ahly amahlandla amabili iCaf Champions League. Kubhekwe ukuthi uMosimane amemezele ngokusemthethweni isikwati sakhe esizodlala imidlalo yokuhlunga ye-Afcon ngaphambi kokuphela.
*Khonamanjalo iCaf inike amakilabhu azokube yingxenye yemiqhudelwano engaphansi kweCaf isamba sika-R1.7 million ngokuba yingxenye nje. Amakilabhu azohlomula yiDurban City, yiKaizer Chiefs, yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, okuyisenzo esithaseliwe ngabanikazi bala makilabhu.







