UGALAGALA lweJaji eselithathe umhlalaphansi, uMjabuliseni Madondo, lithi akukho okungalungile ngoMthetho wesiNtu, olawula umshado ohlanganisa amafa. INkantolo yoMthethosisekelo, isanda kuphasisa uMthetho othi, uma sekuke kwafika abakhongi, baqala izingxoxo zamalobolo, lokho sekuyefana nomshado ohlanganisa amafa, kwabalobolanayo.
Abantu basakhala ezinkundleni zokuxhumana, ngoba bebalula ukuthi ukucela, ukulobolola, ukukhehla, ukwembesa, akusiwona umshado, ngoba lowo muntu wesifazane usuke engakathelwa ngenyongo. IJaji uMadondo, uthi uma usuvelile, wacela isihlobo esihle ekhweni, abakubo wentombi bayiletha ekhaya kini, lokho kusho ukuthi isiyingoduso yakho, futhi lo Mthetho ugunyaza ukuthi uma kwenzeka udlula emhlabeni, isiyohlomula emafeni akho.
IJaji uMaodndo, ubhale incwadi esishicilelwe, esihloko sithi: “Customary Law in the constitutional democracy in South Africa,” lapho enaba kabanzi ngemithetho efana nalona.
“Kukhona abantu abathandanayo, bahlale ndawonye iminyaka ecele kweyi-10, bengashadile, kodwa uMthetho ubathatha labo bantu, njengabantu asebeshadene, ngoba owesifazane ubizwa nge Common Law Wife.
Lo mthetho, ubhekelela nokuthi izingane uma kwenzeka wena ndoda udlula emhlabeni, ifa lazo olishiyele zona, lingaxhashazwa lidliwe ngamanye amalungu omndeni. Uma usuvelile kubo wentombi, usuke usuzibophezele ngokusemthethweni, ukuthi usuqala uhambo olude, nalowo wesifazane. Nasemandulo, KwaZulu, insizwa noma umnumzane onesibaya okuphambana kuso izimpondo, ngenxa yobuningi bezinkomo, izintombi, bezimbalekela, ziziletha zona kuye. Lo Mthetho, ngowesiNtu, kanti umshado akuyona indandatho kuphela, noma ukubhalisa kwa Home Affairs. Uma sekulotsholiwe, wena wesifazane, usuke usungowaleyo ndoda, okunye kuyolandela,” kuchaza uMadondo.
IJaji uMadondo, lithathwa njengongoti ezintweni ezithinta imithetho yesintu, njengoba kuyilona elagcagcisa uMdlokombane, (iSilo uZwelithini kaBhekuzulu), noNdlunkulu uZola oKaMafu, oNdini. Yilona futhi iJaji uMadondo, elafungisa iSilo uMisizulu kaZwelithini, ngesikhathi sibekwa esihlalweni, ngomhla ziwu 29 kuMfumfu (October) wango 2022.
Abanye abebephawula ezinkundleni zokuxhumana ngalo Mthetho, bathi izinsiwa azigawule zibheke, ngoba zizolobola amantombazane angaziphethe kahle, zife bese wona ethatha wonke umcebo, isifile insizwa.
Lo Mthetho wesiNtu, ufana noMethembiso (engagement), eyenziwa ngabaMhlophe, abafakana izindandatho ungakafiki umshado omhlophe, nezinye izizwe zabaNsundu, zinayo iMithetho efana nalona.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







